Izindaba

Ongqongqoshe abasha kukhabhinethi eKZN

Celani Sikhakhane|Published

CELANI SIKHAKHANE

K UNGAKAPHELI ngisho isikhathi esingakanani uNdunankulu omusha KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, edalule ukuthi ngeke abe nezinguquko kukhabhinethi yakhe kodwa izolo kushintshe konke lokho esememezela ukuthi usebaxoshile abanye oNgqongqoshe abebehambisana noMnuz Senzo Mchunu osule ngenyanga edlule esikhundleni.

Izolo kumenyezelwe ongqongqoshe abasha abazongena kukhabhinethi kaMnuz Willies Mchunu ngesikhathi kunesithangami se-ANC nabezindaba ebesiseSeme House ekomkhulu lesifundazwe lale nhlangano.

Ongqongqoshe abakhonjwe indlela uMnuz Mike Mabuyakhulu wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo, uNkk Peggy Nkonyeni wezeMfundo, uMnuz Cyril Xaba wezoLimo noNkk Ntombikayise Sibhidla- Saphetha wezoBuciko amaSiko nezeMidlalo.

“Engikwenzile ngikholwa ukuthi bekufanele ngemuva kokuhlolisisa kabanzi okwenziwe eMinyangweni eyahlukene kahulumeni kuhlanganisa nehhovisi lami ukuthi ngabe konke kuhamba kahle yini. Ngemuva kwalokho ngibe sengithatha isinqumo sokwenza izinguquko bese ngiqoka abanye abaholi abazoqhubeka nomsebenzi walaba asebephumile,” kusho uMchunu.

Kongqongqoshe abasha uMchunu uqale wamemezela uMnuz Mxolisi Kaunda njengoNgqongqoshe wezoku-Thutha nokuVikela uMphakathi, uMnuz Mthandeni Dlungwane wezeMfundo, uNkk Bongi Sithole Moloi wezoBuciko amaSiko nezeMidlalo noMnuz Themba Mthembu ofakwe kwezoLimo kodwa othe usafuna ukuxoxa neSACP kuqala. USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala yena ungene kwesokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo

Ngaphambi kokuba uMchunu amemezele lezi zinguquko kuqale kwakhuluma uNobhala we-ANC uMnuz Super Zuma wathi njengenhlangano babone kufanele ukuthi kwenziwe izinguquko kule Minyango ngoba bebengagculisekile ngemisebenzi yayo.

Nokho unqabile ukudalula ukuthi yikuphi abebengagculisekile ngakho kodwa uthe bayalele uNdunankulu ukuba enze izinguquko kufakwe abanye abantu.

Amaqembu aphikisayo ashaye amakhala ngalezi zinguquko ekhononda ngokuthi i-ANC noNdunankulu abazange babenalo iqiniso ngalolu daba ngoba babethe akekho ungqongqoshe ozoxoshwa.