Izindaba

Sibhekwe ngelizayo esowawina iPower Ball

Celani Sikhakhane|Published

UMUZI wasekhaya konina likaMnuz Nhlanhla Buddah Dlamini oseTatane eMnambithi okuyilapho abasekhaya konina nezingane ezizalwa umama wakhe abafuna angcwatshwe khona. ISITHOMBE: THOKOZANI MBUNDA UMUZI wasekhaya konina likaMnuz Nhlanhla Buddah Dlamini oseTatane eMnambithi okuyilapho abasekhaya konina nezingane ezizalwa umama wakhe abafuna angcwatshwe khona. ISITHOMBE: THOKOZANI MBUNDA

CELANI SIKHAKHANE

SIBHEKWE ngesonto elizayo isinqumo senkantolo yaseMnambithi mayelana nokuthi izongcwatshwa kuphi insizwa yaseNgwelezane eyawina iPower Ball ka-R18 million njengoba kunombango oqhubekayo phakathi kwabasekhaya konina eTatane ngaseDriefontein nabakubo kwayo eNkandla kwesakwaKhanyile.

UMnuz Nhlanhla Buddah Dlamini (29), owawina iPower Ball ngo-2014 eneminyaka engu-27, isidumbu sakhe sisaduve emakhazeni. Ushone ekuqaleni kwenyanga edlule engozini yemoto eyenzeka ebuya nabangani bakhe eNyuvesi yaseZululand, Ongoye.

Icala lokubangwa kwesidumbu sakhe lizoba senkantolo yaseMnambithi ngomhla ka-9 ngesonto elizayo.

Umfowabo kamufi, uMnuz Sipho Dlamini (57), oyisikhulu se-ANC egatsheni laseNkandla, uthe imphethe kabi le ndaba yokuthi umfowabo namanje akakangcwabeki ngenxa yokubangwa.

“Ibuhlungu inhliziyo yami ngoba sekuphuma nezinto ezingelona iqiniso emaphepheni, ukuthi ngimfuna ngenkani ekubeni kuyingane kababa lena futhi nalokho bekwaziwa abasekhaya konina kwaNgubane. Nokho ngiyathemba ukuthi nakanjani inkantolo izovuna thina ngoba nenkantolo eNkulu yaseThekwini yangivuna ukuthi kumele uNhlanhla ayiswe eNkandla kodwa abakwaNgubane abangafuna ukulalela lokho,” kusho uDlamini.

Ubuye wazwakalisa ukuphatheka kabi ngezinto ebezishiwo ngaye ukuthi ufuna ngenkani isidumbu sikamfowabo wathi okokuqala bayikhipha inhlawulo kwaNgubane esaphila umufi.

Uthe okunye umufi ubevele ezihlalela eNkandla enentombi khona asebenengane nayo kanti bafuna azofihlwa kubo ukuze nengane yakhe ilazi ithuna likayise. Uthe ngisho le mali ayiwina akekho umuntu obhalwe phansi ngakho naye akahlangene nayo kodwa umuntu eqondene nayo yingane yakhe ayizale entombini yakwaShezi.

Umndeni wakwaNgubane uyayiphika le ngane njengoba udadewabo kamufi okunguNkk Sphesihle Mdakane etshele Isolezwe ngeledlule ukuthi badidekile ngale nto ngoba le ntombazane kade umfowabo ahlukana nayo. Uthe nakuba bebemazi uDlamini ukuthi ungumfowabo kamufi kodwa bambona esethatha mawala ngoba nabo ingane kanina lena abafuna ukuzingcwabela yona.

Ngesikhathi esethintwa izolo uvale ucingo wangafuna ukukhuluma.

UDlamini uthe akukho abakwaNgubane abangakusho ngoba abayazi impilo yomfowabo.

Ziyisikhombisa sezizonke izimoto umufi azithengile kusuka ngo-2014 ewine iPower Ball kwaGidani kodwa zilimala kanti sekusele eyodwa esemzini azithengela wona eMnambithi okuyiFord Everest ka-2016.

UDlamini uthe umufi ubezithenga kheshi izimoto kodwa lena yokugcina ibiyisikweletu.

Uveze ukuthi akulona iqiniso okuningi okushiwoyo ngomufi.

Izimoto abenazo umufi kubalwa iRange Rover Evoque ebibhalwe ukuthi Buddah ZN, kube enye i-Range Rover Evoque ebibhalwe ukuthi Good Lyf, iFord Ranger, Audi A4, Mercedes Benz E350, Ford Everest neMercedes Benz E350 okuyiyo ashone ehamba ngayo.

Zonke lezi zimoto sezalimala kodwa i-Audi A4 uDlamini uthe yebiwa kanti ushone umufi sekwaziwa ukuthi ibanjwe eGoli.