CELANI SIKHAKHANE
U MENGAMELI Jacob Zuma uthi mabakhishwe inyumbazane abaholi bamaqembu ezombusazwe abagqugquzela ukuziphatha okunodlame nabangahloniphi.
UZuma ukusho lokhu izolo ngesikhathi kunomkhuleko wokuthula obuhlelwe yihhovisi lakhe ne-ANC KwaZulu-Natal, obusenkundleni yezemidlalo iGrowth Point eyayibizwa nge-Absa.
Uthe akekho umuntu osazimisele ukuba ingxenye yodlame ngoba abantu baluyeka ngesikhathi bekhipha umbuso wobandlululo ngo-1994 banquma ukuthula noxolo.
“Akumele sivume intsha yethu ukuthi idukiswe ngemfundiso yodlame ngabaholi abanezinhloso zabo zezepolitiki. Ngakho umphakathi kufanele ubagxeke kakhulu abaholi noma amaqembu ashumayela ivangeli lodlame nabasebenzisa intsha yethu ukuze kufezeke izinhloso zabo. Abantu labo okumele umphakathi ubachithe bakhishwe inyumbazane ngoba baqhamuke nomkhuba omubi entsheni wokuba nobudlova nodlame,” kusho uZuma.
Ngesikhathi ekhuluma akekho umuntu adalule igama lakhe kodwa ubekugcizelela ukuthi kukhona abaholi noma iqembu eselifike nemikhuba yokugqugquzela udlame okungafanele libekezelelwe.
Uthe kufanele igxekwe nendaba yokucekelwa kwempahla phansi ngoba lokho akusizi ngalutho.
UNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni, uMnuz Willies Mchunu uthe kulesi sifundazwe basalokhu besebenza kahle ngokwezepolitiki.
“Selokhu kwasukela emizameni kaZuma yezingxoxo zokuthula ne-IFP ngesikhathi esahola i-ANC KwaZulu-Natal ayebanazo nowayenguSihlalo we-IFP uDkt Frank Mdlalose, isifundazwe sinokubekezelelana ngokwezombusazwe. Asikabi nazo izigameko lapho kuba nabantu abacekela phansi izakhiwo zesiShayamthetho. Namanye amaqembu asanda kubakhona kuyasetshenziswana, sibanazo izingxoxo zokuba kusetshenzwe ngokuthula. Nakuba zibekhona izigameko zokubulawa kwamakhansela kodwa asikazi noma lokho kuhlangene yini nezombusazwe,” kusho uMchunu.
Kulo mkhuleko abaholi bezenkolo banikeze uZuma ithemba lokuthi ngisho kungenzekani kuye kodwa bayohlale benaye ngoba ungumuntu owazalelwa ubuholi.
UMbhishobhi Vusi Dube weThekwini Community Church, obuye amele i-ANC esiShayamthetho, utshele uZuma ukuthi bona abafani nalaba bafundisi abavele bayoma ezitendeni batshele umphakathi ukuthi abamxoleli.
Umholi webandla labaPostoli, uCeaser Nongqunga uthe uZuma wazalelwa ukuba uMengameli, ngakho akekho oyomgudluza.