Izindaba

Kuboshwe ‘inkabi’ ehostela KwaMashu

S'MANGELE ZUMA|Published

S’MANGELE ZUMA

K UNEnhlasi yethemba ngemuva kokuthi amaphoyisa egasele ehostela laKwaMashu ngoLwesine ebusuku abopha indoda eneminyaka engu-30 esolwa ngokuba yinkabi.

Amalungu omphakathi akuleli hostela athe isenzo samaphoyisa eNanda Tactical Response Team asebenzisana nabaseshi basesiteshini saKwaMashu senze babuyelwe yithemba ngomsebenzi wamaphoyisa kule ndawo.

Ngenyanga edlule kuthiwa umsolwa udubule uNksz Nobuhle Msomi (25) owatholwa edindilize emgwaqweni uSivumelwano.

Lokhu kwenzeka nje ngenyanga edlule amaphoyisa aseMlaza abophe omunye umlisa osolwa ngokuba yinkabi yasehostela iGlebelands.

Usihlalo woBunye Bamahostela Nezakhiwo Zawo uMnuz Vusi Zweni uthe bawashayela ihlombe amaphoyisa ngomsebenzi wawo wokubopha abasolwa ngokubulala abantu emahostela.

“Kusiphatha kabi ukubulawa kwabantu emahostela ngoba wonke umuntu ungokaNkulunkulu. Kwaphela isigwebo sentambo ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuphila ngisho noma angona kangakanani. Sidinga ukufundisana singabahlali asikafundiseki kahle ngezomthetho. Kudinga ukuthi sazi ukuthi noma angaboshwa umuntu kodwa kuzothatha isikhathi ukuthi agwetshwe,” kusho uZweni.

Uthe ngoMgqibelo babe nomhlangano eNyuvesi yaKwaZulu-Natal kubhekwa abaholi abanabo emahostela.

“Besifuna ukubheka ukuthi ngabe la baholi esinabo emahostela banomthelela yini odlameni olukhona. Enye yezinto esizibhekile wukuthi ngabe ezepolitiki zona zidlala yiphi indima. Kuvelile nokuthi abahlali basemahostela babuye babe yizisulu zemibango yasemakhaya egcina ibalandelile. Sisafuna ukuzibheka thina kuqala ukuze silungise isimo,” kuqhuba uZweni.

Ilungu lomphakathi lithe ukuboshwa komsolwa kubenza babone ukuthi amaphoyisa asevukile emaqandeni.

“Uyabona uma amaphoyisa engaqhuba kanje baningi abangaboshwa. Into ebiyenza ukuthi lilokhu ligobhozile igazi wukuthi umuntu ubebulala omunye emini kwa bha angaboshwa. Lokhu kuzonciphisa izinga lokufa kwabantu njengoba izinkabi zizosaba ukuthi zizobanjwa,” kusho ilungu lomphakathi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker uthe umsolwa uboshwe ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umkhankaso wokulwa nobugebengu ehostela.

“Ngesikhathi eboshwa utholwe nesibhamu sohlobo le-9mm esine-serial number ecishiwe. Ube esebekwa icala lokuphatha isibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Kusolwa ukuthi uyathinteka ekubulaweni kukaNksz Nobuhle Msomi otholwe enenxeba lokudutshulwa khona ehostela. Isibhamu sisazohlolwa ukubheka ukuthi asikaze sisetshenziswe yini kobunye ubugebengu. Kulindeleke avele enkantolo maduze,” kusho uNaicker.

Obambele uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni omiswe ngeledlule, uMajor General Bhekinkosi Langa, uthe banethemba lokuthi ukuboshwa kwalo msolwa kuzoholela ekuxazu-lulweni kwamanye amacala akuleli hostela abawaphenyayo ukuze kube nokuthula kule ndawo.”

Amehlo athe njo kuLanga obeyisekela likaNgobeni ukubheka ukuthi uza naziphi izinhlelo zokulwa nobugebengu esifundazweni.

Ngenyanga edlule balinganiselwa eshumini abantu abadutshulwe bashona kuleli hostela. Kwabulawa abalisa abane abayizihlobo kwadlula izinsukwana kwabulawa umlisa nentombi yakhe kwaphinde kwabulawa abesifazane ababili ngokwehlukana.

Phambilini amalungu omphakathi KwaMashu athi izibalo zababulawe ehostela laseMlaza iGlebelands zincane kakhulu uma ziqhathaniswa nezabo.