Ngqeshe Buthelezi
IMOTO: Mitsubishi Pajero
A NGAZI noma yimina kuphela yini ozifela ngebhola, ogcina eselisondeza kuzona zonke izindawo nalapho lingangeni khona khaxa.
Ngesikhathi ngidla amathambo engqondo ngeMitsubishi Pajero okungifikelile yiqembu lebhola osekuphele iminyaka lidlala esigabeni esikhulu kodwa elingenaso nesisodwa isicoco.
Labo abafana nami abalilandelayo ibhola ngiyathemba ukuthi njengoba befunda lolu daba asekhona amaqembu agijima emqondweni wabo. Into ehlukile ngaleli qembu elisemqondweni wakho njengamanje wukuthi lidle ngabalandeli abathembekile futhi nomqeqeshi walo limthembe kakhulu.
Inqokonqoko iMitsubishi Pajero yimoto osekuneminyaka ikhona ikhona kodwa namanje esashayela phansi. Le moto inabantu bayo abakholelwayo kuyo, okuyinto ebonakala ngokuthi kwaMitsubishi belokhu beyishintsha njalo ukuze ihambisane nesikhathi samanje.
Ngesikhathi sikubikela ngokufika kwale Pajero, ezinyangeni ezedlule, sakuveza ukuthi sekusele isikhashana ukuba ilanywe.
Ukulamana eduze kwamaPajero kukhombisa ukuthi kwaMitsubishi banezinhlelo zokuyigcina emakethe.
Ngo-2014, le moto ebivele ikhona futhi iseyinsimbi yangempela, baphinde balinyusa izinga layo kwi- Long Wheel Base kanjalo nesinqanyana iShort Wheel Base.
Emehlweni ami lena sekuyimoto entsha futhi enezinto eziningi ezihlukile. Okubonakala kahle yi-grille nobhampa. Kungokokuqala ukuthi amalambu ayo aphume ne-LED daytime running. Akugcini lapho kodwa ayakwazi ukuzidima uma imoto izohlangana nenye, aphinde abuyele esimweni sawo uma isidlulile.
Uzozitshela ukuthi indlela abebezama ngayo isitayela esithile kwaMitsubishi kanti phinde, okukhulu kakhulu wukuqinisekisa ukuphepha.
Ihlukene ngezinhlobo ezintathu kodwa zonke zinenjini engu-3.2 litres okusho amandla okunqamula ngisho nasezindaweni ongacabangi ukuthi imoto ingahamba kuzo.
Iphakeme ngo-235 mm okusho ukuthi inqamula kalula nasematsheni kodwa kudingeka uyincenge kancane kube yiyo elawula indlela, okwakho nje ukuqondisa isiteringi.
Inamagiya ahlukene kusukela ku-All Wheel Drive, Low Range, bese iba ne-Diff Lock esiza kakhulu uma imoto iqwala izintaba.
Emgwaqweni ovulekile nakhona yenza okufanayo ngoba inamandla, iyabambelela bese ishibilika njengemoto encane. Iziphethe kahle kuphethroli ngoba ngebanga lika- 100km idla amalitha angu-9.6 kuya ku-9.7. Ingaphambili layo ku-dashboard liqoqekile kwase kuba khona ne-touchscreen ephethe konke ngemoto.
Enye into ekhona yi-USB ne-Aux Support ongakwazi ukuxhuma kuyo nezinye izinto ezihlukene. Umsakazo wakhona udlala ama-CD, iphuma ne-Cruise Control, Automatic Climate Control kanjalo ne-Bluetooth.
AMANANI
Pajero 3.2 DI-D GLS SWB R569 900
Pajero 3.2 DI-D GLS LWB R639 900
Pajero 3.2 DI-D GLS LWB Exceed R659 900