CELANI SIKHAKHANE
B ASINDE kukubi abalandeli beDA ngesikhathi behlaselwa yiqulu labantu okusolwa ukuthi ngamalungu noma abalandeli be-ANC eThekwini. IDA ibiqeda ukuba nombuthano wayo woSuku lweNkululeko obuseWelbedacht, emphakathini ohlala ezindlini zomxhaso.
Abaholi be-ANC eThekwini bayakuphika lokhu njengoba uNobhala, uMnuz Bheki Ntuli, eveze ukuthi ngamalungu eDA aqale athuka abantu be-ANC ebathwebula nezithombe, bagcina sebecasuka.
“I-ANC kuleya ndawo ibivele inomkhankaso ekade yawuhlela wokuhambela imizi yabantu kodwa ugcine uphazanyiswe yiDA ebithuka amalungu kaKhongolose. Laba bantu beDA bagcine sebethwebula izithombe abantu bethu, baze bacasuka,” kusho uNtuli.
Leli qulu labantu be-ANC kuthiwa belivale imigwaqo ephumayo kule ndawo obekuhlangene kuyo iDA, okulandele ngokuthi kushaywe abalandeli baleli qembu, kwagwazwa oyedwa okuthiwa ngowaseLindelani.
Abaholi beDA bagcine sebeshayela ucingo uSihlalo we-ANC eThekwini, uNkk Zandile Gumede, becela usizo kuye ukuze akhuze amalungu enhlangano yakhe.
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe badumele ngalesi sigameko ngoba sikhombisa ukuthi ukubekezelelana ngokwezepolitiki akukho kwezinye izindawo.
“Thina sisizwe wukuthi sibone kunesiminyaminya kungahambeki kulo mgwaqo ophumayo, sathubeleza ngomunye owupotsho nokuthe sisahamba sezwa sekuthiwa abantu be-ANC yibo abavalile futhi sebeshaye abantu bethu. Kuze kwafika amaphoyisa kaMasipala weTheku azame ukuhlukanisa abantu be-ANC nabeDA. Ngigcine sengithinta uSihlalo we-ANC eThekwini, uNkk Gumede, kodwa wangitshela ukuthi uyehluleka ukuthola usihlalo wegatsha ocingweni. Okunye, siyasola ukuthi laba bantu bebefuna ukuzosihlasela baphazamise umcimbi wethu ngendlela okwenzeke ngayo,” kusho uMncwango.
I-DA ithi umcimbi wayo ubuhanjelwe ngabalandeli bayo ababalelwa ku-1 500 abebehlanganyele nomphakathi waseWelbedacht.
Umbuthano weDA ubuhanjelwe abaholi bayo abehlukene, okubalwa noMnuz Bongani Madikizela waseWestern Cape, onguNgqongqoshe wezokuHlaliswa koMphakathi.
UMadikizela, oke wahlala eWelbedacht ngeminyaka yo-1980, ukhulume nabalandeli emcimbini waleli qembu wathi kubuhlungu ukuthi namanje umphakathi wakuleya ndawo usaphila esimeni esingagculisi.
Ugxeke i-ANC ngokubabeka njengeqembu eligcwele abantu beNational Party, wathi uKhongolose yiwo owaqoqa abantu beNational Party waze wabapha izikhundla.
UMnuz Heinz de Boer, oyikhansela le-DA, uthe abantu be-ANC ababahlaselile baqale baqhamuka ngemoto eyiveni bekhuluma ngombhobho bephethe amafulegi kaKhongolose base bevala umgwaqo.
“Kube sekuba nokuhlaselwa kwamalungu ethu, okuthe kusenjalo sabona omunye esegwaziwe. Lokhu kusethusile ngoba kwenze sasola ukuthi izigameko zodlame zizolokhu zibonakala uma amaqembu ezenzele imibuthano yawo,” kusho uDe Boer.