UKAPUTENI weMamelodi Sundowns, uRamahlwe Mphahlele, uthi kumele bayiphuthume i-AS Vita yaseDemocratic Republic of Congo (DRC), abazobhekana nayo emdlalweni weCaf Champions League, eLucas Moripe Stadium, ePitoli, namuhla ngo-8 ebusuku. Isithombe: BACKPAGEPIX UKAPUTENI weMamelodi Sundowns, uRamahlwe Mphahlele, uthi kumele bayiphuthume i-AS Vita yaseDemocratic Republic of Congo (DRC), abazobhekana nayo emdlalweni weCaf Champions League, eLucas Moripe Stadium, ePitoli, namuhla ngo-8 ebusuku. Isithombe: BACKPAGEPIX
MBONGISENI BUTHELEZI
EseGoli
ABADLALI beMamelodi Sundowns bahlela ukuyihlasela zisuka i-AS Vita, yaseDemocratic Republic of Congo (DRC), emdlalweni weCaf Champions League, ngokusho kukakaputeni waleli qembu uRamahlwe Mphahlele.
La maqembu azobhekana emlenzeni wesibili weChampions League, eLucas Moripe Stadium, ePitoli, namuhla ngo-8 ebusuku.
IVita inqobe umdlalo womlenze wokuqala ngo 1-0 ekuhambeni lapho bashaya khona igoli ngasekupheleni komdlalo emasontweni edlule.
“Sifuna ukubahlasela umdlalo usaqala. Ngicabanga ukuthi imizuzu engu-20 yokuqala yiyona ebaluleke kakhulu. Sifuna ukubahlasela kodwa nasemuva sibe singashiyi kuvulekile ngoba bazoshaya igoli nokuyinto esingayifuni. Banabadlali abayinkinga abakwaziyo ukujika indoda nabafuna ukuqashelwa. Siyabazi ukuthi balula ngakuphi. Ngeke balipake ibhasi imizuzu angu-90. Kufanele sikhohlwe indaba ye-Orlando Pirates, esizodlala nayo kuNedbank Cup, uma sifuna ukuya phambili kulo mqhudelwano. Kufanele sibheke ku-AS Vita, iBucs sizobona ngayo uma sekuphele umdlalo weChampions League. Sifuna ukudlulela phambili,” kusho uMphahlele.
Uthe bazimisele ngokudlala kahle bafike kweyamaqoqo eChampions League nakhona bazimisele.
“Umengameli weqembu, uPatrice Motsepe, ufuna senze kahle kuChampions League. Sifuna ukudlalela yena singasheshi siphume kulo mqhudelwano. Ngesizini edlule saphuma emzuliswaneni wesibili kodwa manje sesithe ukuhamba ibanga elingcono. Sifuna ukungena kweyamaqoqo nobekuyinhloso yethu ngesikhathi isizini iqala. Ngiyethemba sizofinyelela kweyamaqoqo,” kusho uMphahlele.
Uphonsele inselelo amaqembu abalandela ngemuva ku-Absa Premiership ukuthi azame phela ukubafica uma engakwazi. Leli qembu selivule igebe lamaphuzu ayisithupha njengoba sekusele imidlalo emihlanu kuphele isizini.
“Amaqembu angemuva kwethu angasifica uma efuna. Thina asizukubheka bona sizobheka imidlalo yethu singabanaki.”
UMphahlele uthe bajabulile ngamaphuzu amathathu abawathole kuJomo Cosmos ngempelasonto. Amagoli kulo mdlalo ashaywe nguKhama Billiat noLeonardo Castro.
“Sisebenze kanzima ukuthola amaphuzu amathathu, iCosmos akulona iqembu elilula. Sijabulile ngamaphuzu amathathu. Besazi ukuthi ngesikhathi sivala kahle emuva uLeonardo Castro, Khama Billiat noKeagan Dolly bazositholela amagoli. Ngiyajabula uma beshaya amagoli ngoba amaphuzu siyawadinga kakhulu,” kusho uMphahlele.
“Cha asikabi yiqembu elihle ukuwedlula wonke. Uma singanqoba zonke lezi zindebe ezisele ungangibuza lowo mbuzo ngizokuphendula.”
UCastro naye uthe bangawaphendula amatafula uma nje bengazimisela njengeqembu.
“Singawaphendula amatafula kuVita, akukho okungasehlula ukwenza lokho. Sihlela ukuthi sihlasele zisuka. Sadlala kahle ekuhambeni sahlulwa ukuthi sishaye amagoli. Asizange sisebenzise amathuba emlenzeni wokuqala yingakho sisemuva ngegoli. Ngiyethemba uma singawasebenzisa manje sizodlulela kwemaqoqo,” kusho uCastro.
Emdlalweni wanamuhla iSundowns kumele ingavumeli iVita ukuthi ishaye igoli ngoba lokho kungasho ukuthi kuyoba kumele ishaye amagoli amathathu ukuze idlulele phambili.