Izindaba

Ingudedangendlale ngemuva iCaddy

Ngqeshe Buthelezi|Published

Ngqeshe Buthelezi

IMOTO: VW CADDY

E MUVA kokwethulwa kweCaddy yesizukulwane sesine kuleli ngasekupheleni kukaJanuwari, lize lafika elingaliyo lokuba umuntu azinike isikhathi nayo kungonakele lutho, lapho kuvele nethuba lokufunda izinto eziningi ngayo esingazange silithole ithuba lazo ngesikhathi beyethula eNottingham, KwaZulu-Natal.

Isakhiwo sayo kuseyisona eseCaddy yakuqala kodwa imfihlo manje isenjinini naku-gearbox. Angilikhulume iqiniso njengomuntu efa, iCaddy ithandwa kakhulu izinkampani ezenza umsebenzi wokudiliva nezikhungo zabadala ngoba inesikhala esikhulu, ivulekile futhi ikwazi nokulayisha kalula isihlalo esinamasondo kulabo abasuke bengasakwazi nokuzihambela.

Emuva kokuhamba ngayo izinsukwana, ngibethulela isigqoko kwaVW ngokwakha imoto ekwazi ukumelana nazo zonke izidingo.

Into engithathe kakhulu yisihlalo sayo esikhulu sangemuva esikwazi ukuphuma ivuleke ibe ngudadengandlale ongabeka kuso umatrasi ushise ubuthongo, futhi ungafaka ngisho inkunzimalanga ye casket uma sekushube ngaleyo ndlela.

Ukuthandwa kwale moto kufakazelwa nayizibalo zayo njengoba emhlabeni jikelele sekudayiswe ama-Caddy alingaselwa ku-1.5 million. Kanti lapha eNingizimu Afrika angu-23 400 asedayisiwe. Isakhiwo sayo sebesishintshe kakhulu ngoba nengaphandle layo seliyabukeka, okuyenza imoto osungakwazi nokuya ngayo emicimbini.

Ngaphakathi intofontofo futhi okunye okuhle abakwenzile kwaVW wukuyibeka ezingeni kwezobuchwepheshe.

Ziwuchithi saka izinhlobo nezinjini, kodwa ngibe nenhlanhla yokuvivinya i-DSG TDI edonsa ngamagiya ayisithupha engumshini ozishintshayo, okuyiyona esekugcineni ngezinga.

Uma uzoyithi nhla ngeso akubuzwa ukuthi yimoto entsha futhi yesimanje. Kukhona eyakhelwe ukwenza imisebenzi i-commercial, kanye nelungele ukuthwala umphakathi. Zozimbili lezi zinhlobo zigabe ngezinto ezihambisana nesimo sazo.

Sezizonke izinhlobo zeCaddy zine okuzothi ngokuhamba kwesikhathi sithole ithuba lokuzivivinya zonke bese sikwazisa ngazo (hlala ulindile).

Kukhona iPanel Van neCrew Bus, okuwuhlobo olwakhelwe abantu abenza imisebenzi, bese kuba khona iTrendline ne-Alltrack, zona ezithatha indawo yeCross Caddy. IPanel Van, Crew Bus neTrendline zitholakala nge-short kanye nelong wheelbase.

Yehlukene ngezinjini kusuka ku-1.6 MPI esebenzisa uphethroli nezimbili ezingama -2.0 TDI. Lena encane i-1.6-litre ikhiqiza amandla angu ku-81kW.