Izindaba

Injabulo kuNFP ngozokuya kuMandela Fellowship e-USA

Celani Sikhakhane|Published

UMnuz Mondli Zondo we-NFP, ohlomule ngomfundaze kaMengameli waseMelika- uMnuz Barak Obama njengoba ezoyofunda khona amasonto amathathu UMnuz Mondli Zondo we-NFP, ohlomule ngomfundaze kaMengameli waseMelika- uMnuz Barak Obama njengoba ezoyofunda khona amasonto amathathu

INTATHELI YESOLEZWE

LITHOLE ingqayizivele yethuba ibhungu laKwaZulu-Natal lokuyofunda e-United States of America (USA) ngaphansi kohlelo lukamengameli wakuleliya lizwe uMnuz Barack Obama olubizwa ngeMandela Washington Fellowship.

UMnuz Mondli Zondo (26) ongumsebenzi ehhovisi leNFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uqokwe nentsha embalwa eNingizimu Afrika ezoya koqeqeshwa ngokwemikhakha ehlukene ngaphansi kohlelo lokuthuthukisa abaholi abasebancane base-Afrika olusingethwe ngu-Obama.

UZondo uzobe elandela abanye abaholi abasebancane asebeke bagqama kulolu hlelo okubalwa kubo owayengumholi wentsha yeNFP uMnuz Andile Biyela kodwa osabuyela ku-IFP, Mnuz Hlanganani Gumbi weDA, Nksz Mbali Ntuli weDA nabanye abangekho kwezepolitiki.

Lezi zindaba zokuqokwa kukaZondo ukuba ayofunda e-USA zijabulise ngisho abaholi baleli qembu njengoba uSihlalo weNFP KwaZulu-Natal, uMnuz Vikizitha Mlotshwa ethe abazi kumele bayichaze kanjani le nhlanhla eyehlele uZondo.

“Siyamhalalisela uZondo ngethuba alitholile ngoba ungomunye wabasebenzi bethu esiziqhenyayo ngabo. Kumanje uyinhloko yabacwaningi ehhovisi lethu futhi wenza umsebenzi oncomeka kakhulu. Kuleli thuba alitholile uzochitha amasonto amathathu efunda kwenye yamaNyuvesi ase-USA, iVirginia Commonwealth University kanti uzobe egxile emkhakheni wezokuphatha. Uzoba nethuba lokuhambela umbuthano osuke ubizwe ngu-Obama lapho esuke eyokhuluma khona nabafundi bemikhakha eyahlukene. Ngakho siyakujabulela ukuqokwa kwakhe ngoba uzobuya esehlome ngamakhono azosiza neqembu ukuthi uma lithatha uhulumeni liphathe ngendlela esezingeni eliphezulu,” kusho uMlotshwa.

UZondo uzalelwe KwaZulu-Natal ngo-1989 kodwa umndeni wakhe wafudukela e-Eastern Cape ngenxa yodlame.

Abazali bakhe bashona wagcina esekhuliswa ngugogo wakhe naye odlule emhlabeni esafunda eNelson Mandela Metro University .

Uke wathola ithuba lokuyoqeqeshwa ngokwamakhono e-United Kingdom.

Uthe ungumuntu okhonze kakhulu ukufunda, ukubukela amafilimu nezinkulumo-mpikiswano.