Izindaba

Uya eMelika obekuClash of the Choirs

Sbu Masango|Published

S’BU MASANGO

UZOLUBHEKISA phesheya eMelika umculi odlondlobalayo njengoba esanda kukhipha isingili yengoma ethi Bambelela.

UGugu Zulu, ongowokudabuka eMandeni useke wabonakala emdlalweni Uzalo olukhonjiswa ku-SABC1.

Uzolubangisa e-Atlanta, eMelika lapho eyocobelelana ngolwazi lomculo nabanye abaculi noDJ bakhona. Uthe uzofulathela iNingizimu Afrika ngoJuni kulo nyaka.

“Ngizohambela izithangami zokucobelelana ngolwazi, ngiphinde ngicule bukhoma emicimbini eyahlukene,” kusho uGugu.

Uthe uzothula ingoma yakhe kwabezindaba baseMelika.

Uveze ukuthi lolu hambo luzolandelwa yikhonsathi azoyenza ngonyaka ozayo lapho ezobe ecula ngokuhlanganyela nabaculi azobe esebenze nabo eMelika.

Isingili yakhe isiqalile ukudlalwa emisakazweni yakuleli.

Ngokusho kukaXolani Majozi ongumphathi kaGugu, kubalulekile ukuthi amaciko aseNingizimu Afrika angagcini ngokwaziwa kuleli kuphela kodwa aziwe nangaphandle.

Uqhube wathi inhloso enkulu wukuthi umculo wakhe usabalale naphesheya ukuze adlondlobale.

Uthe balithokozele kakhulu leli thuba ngoba lokhu kuze kwenza ithalente likaGugu libonwe abasemazweni omhlaba.

UMajozi udalule ukuthi ngaphambi kokubhekisa amabombo eMelika, uzohambela izindawo ezahlukene ethula ngokusemthethweni ingoma yakhe ethi Bambelela, eThekwini.

Uveze ukuthi maduze nje uzoshutha i-video yaleli culo.

Ikhono likaGugu liqale ukubonakala ngesikhathi eyingxenye yeqembu kusizini yokuqala ye Clash Of The Choirs.

Wayesekwayeni eyayiphethwe nguKhaya Mthethwa eyayimele iKwaZulu Natal, eyadla umhlanganiso.

Uphinde wasebenza naye uKhaya ngesikhathi kuqoshwa iDVD engumculi olekelelayo.

UGugu oneziqu ze-Drama and Performance Studies azithole e-UKZN eHoward College. Useke wabonakala nasemidlalweni yeshashalazi okubalwa edidiyelwe wu-Edmund Mhlongo, i Jabulani South Africa Celebrate, owake wakhonjiswa ePlayhouse ngo-2014.