Jomo Sono coach of Jomo Cosmos and Eric Tinkler coach of Orlando Pirates during the Jomo Cosmos and Orlando Pirates Press Conference on 31 March 2016 at PSL Offices Pic Sydney Mahlangu/ BackpagePix Jomo Sono coach of Jomo Cosmos and Eric Tinkler coach of Orlando Pirates during the Jomo Cosmos and Orlando Pirates Press Conference on 31 March 2016 at PSL Offices Pic Sydney Mahlangu/ BackpagePix
MBONGISENI BUTHELEZI
EseGoli
A KUKHO nokuncane ukuthandabuza ukuthi umdlalo weNedbank Cup Last 16 phakathi kweJomo Cosmos ne-Orlando Pirates uzobe ungowamagqubu.
La maqembu azogadulisana kube kuncane indawo e-Olen Park Stadium, ePotchefstroom, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Okwenza ukuthi lo mdlalo ulindelwe ngabomvu futhi ube ngowamagqubu ukuthi la maqembu asanda kugilana emidlalweni ye-Absa Premiership kule sizini esizosongwa. Kuqale ezikaJomo Sono zashaya ezika-Eric Tinkler ngo 1-0 e-Olen Park okwenze ukuthi abalandeli beZimnyama bashaye amakhala ngoba izinto bezingayihambeli kahle iCosmos ngaleso sikhathi.
Muva nje iBucs ibuye yaziphindiselela kabuhlungu ishaya eZenkosi ngo 5-0 emdlalweni weligi e-Orlando Stadium. Lokhu kwenze ukuthi adinwe agane unwabu uSono ekhala ngokuthi abadlali bakhe bebengazimisele kulo mdlalo.
Emdlalweni olandele lowo bebhekene neKaizer Chiefs ushintshe abadlali abayisikhombisa bonke, bagcina belishaye ngo 1-0 leli qembu laseNaturena. Akwaziwake noma uzoqhubeka neqembu elishaye iChiefs noma uzobabuyisa abadlali abahlazwe yiBucs uJomo emdlalweni wangeSonto.
UTinkler uthe kumele nakanjani ngoba lena yindebe yokugcina kule sizini abangazama ukuyifaka ekhabetheni labo.
“Leli yithuba lokugcina lokuthi kube khona esikunqobayo kule sizini bese sibuyela emidlalweni yeCaf. Siyakujabulela ukudlala lapho. Sifuna ukuqeda isizini kahle ngokuthi sinqobe le ndebe. Sidlale kweyamanqamu kuCaf Champions League nakuConfederation Cup sabuya silambatha, ngakho sisafuna ukuphindela khona,” kusho uTinkler.
“Umdlalo okufanele sifunde kuwo kakhulu yilapho esashaywa khona ngo 1-0 yiCosmos. Besisebenza kanzima ukulungiselela lo mdlalo, sishintshanisa izinkundla uma sizilolonga. Besisebenzisa i-Orlando neRand Stadium ukuze abadlali bakulungele ukudlale kule nkundla esiyodlala kuyo.”
USono obebukeka sengathi ufihle induku emqubeni, uthe ingcindezi ikuPirates ngoba abaningi sebevele bayigubhele ithuna iCosmos.
“Thina asinangcindezi kulo mqhudelwano ngoba sebevele abaningi bathi sesihluliwe ngoba sashaywa ngo 5-0 koweligi yiPirates. Ingcindezi kithina ikuligi ngoba lapho sisemsileni. Yize kunjalo sifuna ukuthi sizame ngakho konke okusemandleni ukuthi sinqobe umdlalo ngeSonto ngoba imali ikhona uma sidlulela phambili. Ngaphandle kwalokho singajabula ukushaya iPirates,” kusho uSono.
“Abadlali bami bafuna ukuziphindesela njengoba bashaywa ngo 5-0 yiPirates. Mina ngiphithene ikhanda, angazi noma ngidlalise iqembu elashaya iChiefs ngo 1-0 noma ngidlalise bona laba abashaywa ngo 5-0.”
Kulo mdlalo iCosmos izodlala ngaphandle kukaCheslyn Jampies noSipho Mngomezulu abadonsa izigwebo zamakhadi. NakuPirates uzobe engekho u-Edwin Gyimah ngenxa yawo amakhadi.
Imidlalo yeNedbank Cup Last 16:
Namuhla: Magesi FC v Bidvest Wits (Old Peter Mokaba Stadium, 8pm)
Kusasa: Platinum Stars v Polokwane City (Royal Bafokeng Stadium, 3pm); Black Aces v Maritzburg Utd (Kanyamazane Stadium, 3pm); Mamelodi Sundowns v Mbombela United (Lucas Moripe Stadium, 8.15pm); Santos v Free State Stars (Athlone Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Jomo Cosmos v Orlando Pirates (Olen Park Stadium, 3pm); Golden Arrows v Baroka FC (Chatsworth Stadium, 3pm)
NgoLwesibili: SuperSport United v University of Pretoria (Lucas Moripe Stadium, 7.30pm)