Ngqeshe Buthelezi
IMOTO: Ford Everest
Z ININGI izindlela ongayisebenzisa ngayo ingqovungqovu yakwaFord, efike eNingizimu Afrika ngo-Okthoba wonyaka odlule.
Ungakwazi ukuyenza imoto yomndeni, ungaphinde futhi uyisebenzisele ukuzikhipha nabangani nishaywe umoya, ingaphinda futhi kube yinqola yakho yansuku zonke yokuya etohweni.
Engikuqaphelile wukuthi izwakala kahle uma uzoyifaka ezintabeni ilayishile ngoba iyezwana nesisindo futhi yilapho ikhombisa khona kahle amandla ayo. Okunye engibethulela ngakho isigqoko kwaFord yizinga lobuchwephe.
Sekuyinto ejwayelekile ukuthi izimoto ezinkulu zicishe zidlule ezincane ngobuchwepheshe. Asikho isizungu kwi-Everest ngoba nabantu abayisikhombisa ebalayishayo bahlala ngokukhululeka futhi inakho konke okokuthiba isithukuthezi. Ngesikhathi sikubikela ngayo yethulwa, sakuveza ukuthi akuyona imoto entsha emndenini wakwaFord kodwa emuva kokuthola ithuba lokuyivivinya emgwaqweni ovulekile nasezintabeni ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi seyesihluke kakhulu.
Ingaphambili layo liphakeme, yase iba yingqovungqovu kuhle kwezimoto zakwaFord ezazibonakala kakhulu emafilimini amadala oCharles Bronson, esakhula ngawo emalokishini.
INQAMULA IMIMANGO NEMIQANSA
INDLELA ehlanganiswe ngayo i-Everest yenza ungesabi nakancane ukuyihloma kunoma wumuphi umgwaqo, kungaba owubhuqu noma oyitiyela.
Ngaphandle nje kwamandla, enye into ekhangayo ngayo wubuhle. Omunye uzakwethu uze walibeka ngembaba elokuthi uma kungathiwa ngeyakhe angeke athande ukuyifaka eyikhipha ezintabeni ngoba eyizwela. Isakhiwo sayo sixoxa indaba ngokwethembeka nobuhle futhi lokhu ngingufakazi wakho ngoba yeqa ngisho nenguzunga yetshe elineminyaka.
Iwushiyile umhlaba ngo-225mm okwenza ikwazi nokweqa kalula izinguzunga zamatshe ezintabeni.
Njengoba kuyinqanawe yokuqwala izintaba iphuma ne-Terrain Management System eyenza ukuthi umshayeli akwazi ukuyishintsha ihambisane nesimo somgwaqo esuke ikuwo ngaleso sikhathi. Kukhona indlela ejwayelekile ongayishayela ngayo ebizwa nge-normal.
Uma kwenzeka ungena endaweni eneqhwa noma enotshani okanye ubhuqu, ungayisetha ngendlela yakhona, ngeke ubhajwe esihlabathini ngoba ikhona indlela eshayelwa ngayo ebizwa nge-sand nasematsheni i-rock.
Ngilitholile ithuba lokuvivinya zonke lezi zindlela zokuyishela ngagezeka igilo. Empeleni akuyona imoto engakulalisa endleleni noma ibhajwe esihlabathini. Nakuba kuno-gearbox owodwa kodwa yona itholakala ngezinhlobo ezimbili. Iphuma nenjini engu-3.2 litre, five cylinder Duratorq TDCi eyi-turbodiesel.