USIHLALO kazwelonke weNFP uMnuz Maliyakhe Shelembe. USIHLALO kazwelonke weNFP uMnuz Maliyakhe Shelembe.
CELANI SIKHAKHANE
KUGQAME uqhekeko emhlanganweni kazwelonke weNFP wokubuyisana kubaholi baleli qembu abebengasabhekani njengoba uSihlalo wesifundazwe, uMnuz Vikizitha Mlotshwa engazange alubhade ngenxa yokungahoshelani okukhona.
UMlotshwa kuthiwa uncamele ukuthumela iphini lakhe uMnuz Ericson Zungu ukuba ahambele lo mhlangano obuseTropicana Hotel izolo ngemuva kokuthi kuke kwasabalala amahlebezi okuthi uzoxoshwa kuwo.
Ubuholi bukazwelonke baleli qembu obuholwa nguMnuz Maliyakhe Shelembe noSolwazi Nhlanhla Khubisa kuthiwa bunqinde amandla uMlotshwa ukuba asingathe uhlelo lokukhethwa kwamakhansela njengoba kuza ukhetho.
Imizamo yokumthola uMlotshwa ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
“Le nto uMlotshwa ayimphethe kahle ngoba usola ukuthi ubuholi bukazwelonke bufuna ukwenza umsebenzi wakhe ngenkani. Okunye njengoba bekuhleli lo mhlangano abanye abaholi bebengabizwanga kuwo kodwa babone ngemoto ebidonsa inqola ebinesithombe esikhulu ebesinobuso bukaNkk Zanele Magwaza- Msibi ipake phambi kwehhotela iTropicana. Phakathi kwalaba baholi kube uMengameli wabesifazane uNkk Sindi Mashinini noMnuz Bhungu Gwala oyikhansela eThekwini futhi oyilungu leNational Working Committee,” kusho umthombo.
Kulo mhlangano bekuzobuyiswana nabaholi okubalwa kubo uMnuz Wiseman Mcoyi, Mzwamandla Mzobe, owasula esikhundleni sokuba uNobhala ngoba kuhlelwa ukuba kuhlakazwe ubuholi bukaMlotshwa bese kuba uMnuz Nhlanhla Khawula owakhishwa esikhundleni sokuhola iTheku benoMnuz Thabani Mthethwa.
UShelembe kuthiwa uxabane noMlotshwa emsola ngokuthi uphula imigomo yeqembu ufaka abangani bakhe ezikhundleni bese exosha abantu abakuzo.
EThekwini kuthiwa wahlakaza ubuholi bakhona wabe eseqoka uNkk Bongi Mtshali ukuthi ahole ithimba lesikhashana.
EMzinyathi kuthiwa uzame ukuxosha iPhini leMeya, uNkk Naniwe Madonsela ukuze afake uMnuz Zakhele Ngcobo noma uNkk Sbongile Mkabayi Dlamini.
UShelembe uthe akulona iqiniso okushiwoyo futhi ngeke akhulume ngezinto ezingamahlebezi ngoba isinqumo uma sithathwa sisuke singesona esakhe kodwa ngesobuholi bonke.
“Okokuqala kukhona abantu abase bebhale amanga ezinkundleni zokuxhumana bethi lo mhlangano owokuxosha uMlotshwa ekubeni kungenjalo.
“Kube nephutha kuNobhala Jikelele ngesikhathi ekhipha izimemo zalo mhlangano kwaba khona abantu abangazitholanga. Lokho sikuxoxile sakulungisa kuwo lo mhlangano,” kusho uShelembe.
Uthe banqume ukungenelela njengozwelonke esifundazweni ukuze balungise indaba yaseThekwini nasebaQulusini ngoba abafuni ukuya okhethweni behlukene.
UShelembe uthe babumbene kakhulu manje kanti bakholwa wukuthi uyokikiza umengameli wabo mhla ebuya uma ebona isimo sinjena.
Uthe abantu bayakholwa wukuthi nakuba egula kodwa uzobuya aqhubeke kahle nomsebenzi ngoba baningi abaholi abebenesifo sohlangothi kodwa babuya baphila.