Izindaba

UKwesta usanganise izihlwele kuma-Nacma

Sbu Masango|Published

S'BU MASANGO

U MCULI we-hip hop osematheni kulezi zinsuku ngengoma yakhe ethi Ngud’ uKwesta ayishaya noCassper Nyovest, ushiye abantu besalangazelele impinda ngesikhathi kunamaNational Choral Music Awards ngeSonto ebusuku e-ICC eThekwini.

UKwesta ungene elandelwa yizithuthuthu esteji ngesikhathi eseshaya i Ngud’. Abantu bese bemi ngezinyawo, abanye becula kanye naye obekukhombisa ukuthi ingoma ayiculayo bayayazi. Kulo mcimbi bekuzoklonyeliswa amakwaya, abaqambi bezingoma zamakwaya, imisakazo edlala umculo wamakwaya, iziteshi zethelevishini nabanye ababambe iqhaza kulo mculo.

USolwazi Alfred Nevhutanda, weNational Lottery Commission (NLC) uthe wazenza izifundo zomculo yingakho ethathe kude ngesikhathi umsunguli wamaNacma uVusi Mvelase ezocela uxhaso. Uqhube wathi ufisa ukuwubona uthuthuka umculo wamakwaya. “Ngicela ukuthi nasezikoleni othisha bagqugquzele abafundi ukuthi bawucule. Sewufile lo mculo ezikoleni, kumele siqale sivukuze ezikoleni,” kusho uNevhutanda. Lo mcimbi ubuhanjelwe izimenywa kuphela ezingu-1 500 awekho amathikithi abedayiswa. Abawinile bebesho into eyodwa bethi, lo mculo phambilini ubunganakiwe kanti sebeyakholwa manje ukuthi usuzonakwa njengoba sekukhona amaNacma.

UMvelase uthe uyajabula ukuthi amaNacma asethuthuke kakhulu.

“Umculo wamakwaya ungaphakathi kimina, yingakho kwathi ngifikelwa wumbono wezindondo ngo-2011 ngazitshela ukuthi ngizophumelela ukuhlonipha abakulo mkhakha. Yingakho namhlanje kunamaNacma,” kusho uMvelase. Kuhlonishwe noMntwana uMagogo ongasekho ongunina kaMengameli we-IFP iNkosi uMangosuthu Buthelezi. UMntwana uPhumzile obemele uShenge uncome kakhulu iqhaza elabanjwa wugogo wakhe. Uthe naye unalo ikhono lokucula njengoba eke wacula emakwayeni okukhona neyaseNkonjeni esibhedlela esengumhlengikazi lapho nakweyasoLundi.

Kuphinde kwahlonishwa u-Enock Sontonga owaqamba iculo lesizwe iNkosi Sikelela i-Afrika.

Umndeni wakhe uveze ukuthi uyakujabulela kakhulu ukuhlonishwa kwakhe. Kuphinde kwahlonishwa uDkt JZM Sambo ngeDkt Joshua Radebe Achievement Award . Kunandise abaculi abehlukene okungoBuccie, Dr Malinga, Lerato Mvelase, Shwi noMtekhala, DJ Merlon noMondli Ngcobo nabanye. Abanye abaklonyelisiwe bami kanje: emkhakheni weDepartment of Arts and CultureChoirs: Sound of Joy; ku-African Peace: Voice of the Nation; KuBest Recorded Church Hyme: Church of Holy Ghost nabanye.