CELANI SIKHAKHANE
I SIMSHAYISA ngovalo umholi we-DA indaba yokugqekezwa kwemoto yakhe okwebiwe kuyo i-Ipad nebhuku eligcwele imininingwane ebalulekile eyimfihlo yeqembu lakhe, okulandele ngokuthi kuphinde kwebiwe iselula yakhe yabuyiswa ingasenayo i-sim card esesontweni. UMnuz Zwakele Mncwango obuye ahole ikhokhasi yaleli qembu eThekwini uthe akasazi ukuthi kwenzekani ngoba konke lokhu kwenzeke ngemuva kokuhlaselwa amakhansela e-ANC, emsola ngokuthi uhlale ethola imininingwane ebalulekile kamasipala esuke iveza inkohlakalo.
“Kuthe ngoLwesithathu ngiphuma emhlanganweni womkhandlu weTheku ngagqekezelwa imoto yami yaphahlazwa ifastela, kwathathwa i-Ipad ebigcwele imininingwane yeqembu nohlu lwamagama alabo abazoba amakhansela. Bathathe ne-diary ebiqukethe yonke imininingwane eyimfihlo esuke imayelana nemihlangano ebalulekile engiba nayo nabantu abahlukene kodwa imali ayithathwanga ebisemotweni. Kuthe ngoLwesihlanu ngisenkonzweni yamazwi ayisikhombisa eThekwini Community Church, kwebiwa iselula yami okuthe uma uMfu Vusi Dube esememezelile ukuthi oyithathile akayibuyise, yabuya sekuzophuma isonto ingasenayo i-sim card. Zonke lezi zinto seziyangikhathaza ukuthi ngempela kwenzakalani. Konke lokhu kwenzeke ngemuva kokuba amakhansela e-ANC engihlaselile emkhandlwini engisola ngokuthi ngibamba imihlangano eyimfihlo bese ngithola imininingwane kuqala esuke ithinta umkhandlu, ekubeni bona besuke bengenayo. Nokho angifuni ukusola abantu ngoba amaphoyisa sengiwabikelile,” kusho uMncwango.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uMajor Thulani Zwane uthe kunecala abaliphenyayo mayelana nalezi zehlakalo, akukaboshwa muntu.