CELANI SIKHAKHANE
U HULUMENI waKwaZulu-Natal uthi awunazo izinhlelo zokuvala izimoto zamalambu aluhlaza, ezithwala izikhulu zawo, yize amaqembu aphikisayo eseqale phansi ukuhlaba ikhwelo lokuba zivalwe ngoba ekhala ngokuthi zidala izingozi ngenxa yejubane lazo eliphezulu.
Lokhu kuvele ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni, uMnuz Willies Mchunu, ephawula ngengozi eyenzeke ngoLwesihlanu ebusuku ku-N2 ngaKwaDukuza lapho imoto yabaqaphi bakaNdunankulu, uSenzo Mchunu, iFord Ranger ishayisane neToyota Yaris, ebihamba uNksz Buyi Hadebe, onguthisha, noNksz Nonto Ximba baseMpangeni.
Abaqaphi bakaNdunankulu bona kuthiwa bathole imihuzukwana futhi yena ubengekho ngesikhathi kwenzeka le ngozi.
“Asinazo izinhlelo zokuba izimoto zamalambu aluhlaza zivalwe KwaZulu-Natal ngoba akusiwona umgomo wesifundazwe lowo kodwa usuka kuzwelonke. Ngaphandle kwalokho, uma kukhona abantu abafuna avalwe kumele babhalele uMnyango wezokuThutha babeke izikhalo zabo ngoba akekho osakhalile okwamanje emnyangweni.
“Okunye wukuthi ikhona imithetho esiyishayile eqinisa isandla kubashayeli bezimoto zalamalambu aluhlaza, esikholwa wukuthi igcizelela ukuphepha ngokwanele emgwaqweni,” kusho uMchunu.
Uthe kulolu daba lwengozi ethinta abaqaphi bakaNdunankulu uMchunu, bazophenya kabanzi bathole imbangela yayo.
I-DA ne-IFP esifundazweni bathe sekuyisikhathi sokuba zivalwe izimoto zamalambu aluhlaza, ngoba indlela abashayeli bazo abaziphatha ngayo emgwaqweni ayemukelekile ngoba kugcina kufe abantu abangenacala.
Le ngozi yakamuva yemoto kaNdunankulu, ilandela ezinye eziningana zezikhulu ezisuke zihamba ngesivinini esiphezulu kuka-120km/h nesivamise ukudlula ku-200 km/h.
Phakathi kwezikhulu osekuke kwasuka umsindo ngezimoto zazo zamalambu aluhlaza kubalwa iMeya yaseMgungundlovu, uMnuz Yusuf Bhamjee, imoto yayo ngo-2014, okuyiToyota Prado, eyashayisa khona uMnuz Andile Phungula ku-N3 owayefelwe yimoto yakhe eyiFiat Uno washona.
UDkt Meshack Radebe, ngo-2010, imoto yakhe, iLexus, yadala ingozi ngasoThongathi ku-N2 ngesikhathi yayigijima ngejubane eliphezulu ihamba nakulayini ophuzi imphunyuka umshayeli wayo .
Ngo-2010 i-VW Golf yakhe yadala ingozi ngesikhathi umqaphi wakhe egijima ngesivinini eseqile ku-120km/h ku-N3 edubula enye yezimoto eyayiphambi kwakhe yaphaphalaza kwalimala amalungu omndeni ayephakathi.
Ngo-2012 imoto yeSilo Samabandla yatholana phezulu nemoto yentatheli uTim Ncube, eMpangeni, owashonela khona lapho nomunye wabaqaphi beNgonyama.
Ngo-2014 kwabanjwa imoto eyayithwele uNgqongqoshe uNkk Nomsa Dube-Ncube, ku-N3 eyiLand Rover, ihamba ngejubane okuthiwa lalidlule ku-200km/h
Ngo-2015 kushone iPhini leMeya yasoThungulu, uMnuz Thulani Mashaba ngesikhathi imoto yakhe, iBMW X5 igingqika ngaseBallito kwabikwa isivinini esiphezulu nakhona.
Ngo-2014 iMeya yaseMsunduzi, uMnuz Chris Ndlela, yalimala kabi ngesikhathi i-BMW 5 Series yayo ingena ngemuva kweloli ngenxa yejubane layo.