Brice Aka of Jomo Cosmos and Edwin Gyimah of Orlando Pirates during the Nedbank Cup Last 16 Draw on 10 March 2016 at Carlton Centre Pic Sydney Mahlangu/ BackpagePix Brice Aka of Jomo Cosmos and Edwin Gyimah of Orlando Pirates during the Nedbank Cup Last 16 Draw on 10 March 2016 at Carlton Centre Pic Sydney Mahlangu/ BackpagePix
MBONGISENI BUTHELEZI
EseGoli
I SITOBHA se-Orlando Pirates, u-Edwin Gyimah, sifuna bayibhaxabule kabili iJomo Cosmos njengoba bezohlangana ku-Absa Premiership neNedbank Cup esikhathini esingangesonto.
La maqembu azohlangana koweligi e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo, ngo-7.30 ebusuku. Izolo aphinde atonyulwa ndawonye ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azodlala ku-Last 16 yeNedbank Cup, eCarlton Centre, eGoli, izolo.
Ngemuva kwalo mdlalo wangempelasonto la maqembu azodlala kowe-Last 16 weNedbank e-Olen Park, ePotchefstroom.
“Asinankinga nokubhekana nabo kabili. Basishaya ekuhambeni manje beza ekhaya e-Orlando. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi abaphumi nalutho. Kufanele siwunqobe lo mdlalo. Sifuna amaphuzu amathathu ukuze sikwazi ukuqede endaweni enhle ku-log,” kusho uGyima.
“Umdlalo wethu nabo wendebe uzobe usekuhambeni. Kuzoba ngomuhle ngoba sashaywa yibo ekuhambeni koweligi kodwa manje kuzobe sekuhlukile. Sifuna ukuyishaya kabili. Umdlalo wendebe ubalulekile ngoba asifuni ukuqeda isizini sishwiba izandla. Kufanele kube khona esikutholayo ngoba kuyobe kuyinto enhle eqenjini.”
Uthe bekungelula ukuthi athole indawo kuBucs ngoba yiqembu elikhulu.
Akulula ukudlalela iPirates, lowo osuke ethi kulula usuke eqamba amanga. Luselude ukhalo kufanele ngiqhubeke ngisebenze kanzima,” kusho uGyimah.
Umgadli weCosmos uBrice Aka uthe bajabulile ukuthi bazobhekana nePirates kuNedbank.
“Yinto esiyifunayo ukuthi sidlale neqembu elikhulu. Siyazi ukuthi iqembu balishintshile akuselona leli ebesidlala nalo emzuliswaneni wokuqala kodwa sikulengele ukubhekana nabo. Sifuna ukubashaya sikwazi ukudlulela kuma-quater final alo mqhudelwano,” kusho u-Aka
“Sabashaya sidlalela ekhaya. Uzositshela umqeqeshi uJomo Sono ukuthi kumele senzeni uma sesidlala nabo ngoba sebeyiqembu elihlukile manje. Sifuna ukubamangaza ngoba thina siyiqembu elimangaza abantu. Into okufanele siyilungise nje ukuthi sidlale kahle uma sidlala ekuhambeni ngoba yiyo ebesingakayenzi kahle,” kusho u-Aka.
Isiyonke imidlalo yeNedbank Cup Last 16:
Jomo Cosmos v Orlando Pirates
Mpumalanga Black Aces v Maritzburg United
Platinum Stars v Polokwane City
Santos v Free State Stars
Golden Arrows v Baroka
SuperSport v University of Pretoria
Magesi v Bidvest Wits
Mamelodi Sundowns v Mbombela United