Izindaba

Isixwayiso esinqala ngezimali eKZN

Celani Sikhakhane|Published

UNGQONGQOSHE wezeziMali KwaZulu-Natal, uNkk Belinda Scott nethimba lakhe okuyiNhloko yomnyango uMnuz Simiso Magagula, nesikhulu sezimali zomphakathi eMnyangweni uNkk Tanya Stielau ngemuva kwesabelo-mali esethulwe eMgungundlovu izolo. UNGQONGQOSHE wezeziMali KwaZulu-Natal, uNkk Belinda Scott nethimba lakhe okuyiNhloko yomnyango uMnuz Simiso Magagula, nesikhulu sezimali zomphakathi eMnyangweni uNkk Tanya Stielau ngemuva kwesabelo-mali esethulwe eMgungundlovu izolo.

CELANI SIKHAKHANE

Z IZOWUKHOMBA umuzi onotshwala izikhulu zeminyango kahulumeni waKwaZulu-Natal ezizothinteka ekusebenziseni budlabha imali njengoba kuzoba nonswinyo oluqinile ngenxa yesimo somnotho esintengayo ezweni.

Lokhu kuvele ngesikhathi uNgqongqoshe wezeziMali esifundazweni, uNkk Belinda Francis Scott ememezela isabelomali sesifundazwe sika-R105.387 billion kunyaka mali ka-2016/2017.

“Lezo zikhulu zeminyango eyahlukene ehambisana nezinkampani eziphethwe uhulumeni wesifundazwe okuzotholakala ukuthi ziphula imigomo yokonga zizothathelwa izinyathelo eziqinile. Lesi sinqumo sisithathe ngemuva komhlangano esibe nawo noMcwaningi Mabhuku wesifundazwe nalapho sivumelane khona ngokuthi uma kube khona izigameko esizizwayo zokuxhashazwa kwemali nokuphula imigomo yokonga siyothatha izinyathelo ngokushesha. Sikusho lokhu ngoba uma sithi sibopha izifociya njengohulumeni asidlali kodwa sifuna kubonakale kwenzeka,” kusho uNkk Scott.

Lesi simo sokonga sithinte neminyango njengoba ezicelweni ebezifakwe kuMgcinimafa ukuze zithole imali eyengeziwe, zivele zakhala ngaphansi azangayithola.

UNkk Scott umemezele nokuthi izikhala zemisebenzi okungaqashwe muntu kuzo bazozivala kungafakwa muntu kuzo ngaphandle uma kunesidingo esibalulekile kuphoqa isimo.

Uthe nalapho kuyomele kuqinisekiswe ukuthi umnyango uma uvala leso sikhala esibalulekile uhambisana nesimo sesabelo sawo.

Okunye kuzoba wukuncishiswa kwemicimbi namatende amakhulu okuhlanganisa nezindawo ezisuke zenzelwe ama-VIP okuyizo okuthiwa zidla kakhulu imali yabakhokhibentela.

Indaba yokutetemuka ngamabhanoyi abizayo nokulala emahhotela kanokusho amba eqolo nakho kuyavalwa nokuya phesheya kwezilwandle kodwa kuzovumeleka ongqongqoshe kuphela nezinhloko zeminyango.

Uqhube wathi njengengxenye yokonga bathathe isinqumo sokuba ihhovisi likaNdunankulu banqamule imali ebelizoyithola yezinhlelo ezifana nokwakhiwa kwesikhungo sokuqeqesha abasebenzi bakahulumeni eWestville, eThekwini.

Uphinde wamemezela ukuthi imidlalo yamaCommonwealth Game ezoba seThekwini ngeke bayixhase njengesifundazwe ngakho kuzomele uMgcinimafa kuzwelonke kube nguye ongenelelayo ngoba isifundazwe kasinayo imali kodwa ekhona ngeyokubhekana nezidingo zomphakathi.

Uhulumeni wehlise imali yesabelo sakhe eminyangweni nasezinhlakeni zikahulumeni ngo-R2.3 billion

Umnyango wezokuHlaliswa koMphakathi wabelwe u-R3.4billion kodwa kwancishiswa imali ebizwa ngeHuman Settlement Development Grant ngo-R290 million.

Yabiwe kanje imali:

Ezokuthutha - R21.3 billion

EzokuThuthukiswa koMphakathi – R12 billion

EzokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo – R8.5 billion

EzoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya - R6.7 billion

EzeMisebenzi yoMphakathi – R4.5 billion

EzokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu - R4.5 billion

EzobuCiko namaSiko – R2.6 billion.

UNkk Scott ubuye wamemezela imali engu-R200 million yokulwa nesomiso KwaZulu-Natal.