Izindaba

Umnyango ukhala ngezindleko zeSilo

Celani Sikhakhane|Published

02052015 DURBAN 060707: Amakhosi meeting15: King Goodwill Zwelithini during the traditional leaders meeting in Nongoma on Thursday 5 July. Pic : Mandla Mkhize 02052015 DURBAN 060707: Amakhosi meeting15: King Goodwill Zwelithini during the traditional leaders meeting in Nongoma on Thursday 5 July. Pic : Mandla Mkhize

CELANI SIKHAKHANE

SEKUNOKUNGENAMI ngezindleko zeSilo samabandla wonke eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ezidalwa ukuhamba kwaso namakhosikazi aso namabutho, okugcina kudla imali eningi uma simenywe emicimbini kahulumeni.

Lokhu kugqame ngesikhathi kunekomiti lezindaba zaseNdlunkulu esiShayamthetho lapho uSihlalo wekomiti elibhekele ukusebenza kwalo mnyango, uNkk Nonzwakazi Swartbooi, ebekhononda ngokuthi ngubani ngempela okumele athwale izindleko ngoba uMnyango wakhe awusenamali.

“Ngifisa ukwazi ukuthi ngempela ubani okumele akhokhe izindleko zeSilo namabutho, noNdlunkulu nezintombi uma beze emicimbini? Ngikusho lokhu ngoba ngesikhathi kuvulwa isiShayamthetho kwagcina sekuyizimoto zakwaCogta (uMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu), ezazehla zenyuka ekubeni umcimbi wawusingethwe yisiShayamthetho. Le nto iyakhathaza ngempela ngoba thina eMnyangweni wethu asisenayo imali ngakho le nto iyizindleko. Ngiyafisa icaciswe ngoba yizindleko eziningi lezi engikhuluma ngazo,” kusho uNkk Swartbooi.

Uveze nokuthi kuneminyango okuthi uma imeme iSilo bese konke ikubeka emnyangweni wakhe ukuba kube yiwo othwala izindleko zeSilo.

Umqondisi wesiFundazwe osabambile, uMnuz Frikkie Brooks, uthe izindleko ezithinta ukuhamba kweSilo nezindawo zokulala kusuke kubhekene neHhovisi likaNdunankulu.

“Umnyango wezokuBusa ngokuBambisana yiwo obhekele indaba yokugcotshwa kwamakhosi nalapho kufanele amabutho abekhona naso iSilo noNdlunkulu.

“Okubalulekile lapho wukuthi iHhovisi likaNdunankulu libhekana nezindleko zeSilo kodwa konke okunye kuba izindleko zoMnyango osuke unomcimbi,” kuchaza uBrooks.

Okunye okuvelile kube wudaba lokuthi abashayeli bezimoto zeSilo okuthiwa abavumelekile ukulala ezigodlweni zeNgonyama kwaNongoma kumele noma ngabe bebeyekude kangakanani bafike babeke iSilo eZululand bese bebuya bezopaka izimoto eMgungundlovu.

UMnuz Blessed Gwala, wekomiti laseNdlunkulu esiShayamathetho, ubuze ukuthi kungani lokhu kwenzeka ngoba laba bantu bagcina behamba amakhilomitha angu-500 ashaya iphakethe labakhokhi bentela.

Uthe lokhu kwenzeka ngoba la makhilomitha awabalwa ohambeni lweSilo ngoba abashayeli basuke besuke eMgungundlovu bayosilanda kwaNongoma bese beqala ukubala uma bephuma esigodlweni.

Izikhulu zeHhovisi likaNdunankulu ziveze ukuthi nakuba ungekho umthetho ovimba ukuba izimoto zilale kwaNongoma kodwa bakubeka kwaba umgomo ukuthi uma iSilo sesibuyile lapho besiye khona kumele izimoto zizopaka eMgungundlovu ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwazo.

Kuvela nokuthi abashayeli bazo bagcina behamba amahora angaphezulu kangu-24.

Khonamanjalo uNdunankulu Senzo Mchunu ucacise ngokuthengwa kwamaMercedes Benz ayisikhombisa oNdlunkulu beSilo kuhlanganisa nonina waso uMaZungu. Uthe bakwenze lokhu ngoba bevala indaba yokuqashwa kwezimoto obekudla izigidi kuhulumeni.

ISilo sona sithengelwe iMercedes Benz S500 ebiza ngaphezulu kwesigidi samarandi ngonyaka odlule.