Izindaba

‘Izohamba kancane intuthuko eKZN’

Celani Sikhakhane|Published

CELANI SIKHAKHANE

I ZOSHAYA ngolonwabu intuthuko KwaZulu-Natal ngenxa yesimo esingesihle somnotho, esiphoqe uhulumeni ukuba ahoxise imali engu-R1billion yezidingo zesifundazwe ukuze kongiwe imali.

Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu, izolo ngesikhathi ethula inkulumo yesifundazwe e-Agricultural Show Ground, eMgungundlovu.

Uthe nakuba kungeke kumiswe ukuyiswa kwezidingo kubantu kodwa kumele bazi ukuthi kusuka manje ukulethwa kwengqalasizinda angeke kusagijima ngendlela ebekwenzeka ngayo ngenxa yokuthi uhulumeni unqume ukonga.

“Nakuba isabelo-mali sethu sizokwehliswa ngemali engaphezulu kuka-R1 billion, kodwa likhona ithemba ngoba izidingo zomphakathi kuhlanganisa nengqalasizinda kuzoqhubeka. Nokho akusezukuqhubeka ngendlela obekuhlelwe ngayo njengokuthi; ukwakhiwa komgwaqo othile bekumele kuphuthunyiswe ngamaphesenti angu-100, kodwa manje sekuzoba ngamaphesenti angu-70,” kusho uMchunu.

Nakuba uMchunu eqwashisa ngesimo somnotho esishaya uhulumeni, kodwa wethembise izinhlelo eziningana zokuzama ukudala amathuba emisebenzi emphakathini.

Okunye kwakho kube wuhlelo lokuqala isikhungo sokuqeqesha osomabhizinisi abancane ukuze bakwazi ukungena ezimakethe ezinkulu ezingadala ukufukuleka komnotho.

UMchunu ubuye waveza ukuthi okunye abakuhlelayo wukuqinisa ukuhanjiswa kwengqalasizinda ezindaweni zasemakhaya njengoba bezofakela imizi engu-24 000 ugesi ngemali engu-R600 million abayibeke eceleni.

UMchunu ubuye wathinta udaba lwesomiso, wathi lubalimaza kakhulu emnothweni wesifundazwe kangangokuthi manje sebezama izindlela zokuba bawambe phansi amanzi, ikakhulukazi ezindaweni zaseZululand ezishayeke kakhulu.

UMchunu ukhaliswe yimibango ekhona phakathi kwamaTrust omphakathi asuke enikezwe umhlaba nezinduna ezingawafuni.

“Silo samabandla, kunenkinga ekhona lapha yokubanga phakathi kwamaTrust neziNduna ngemihlaba. Angiqondi ukuthi lokhu kwenzeka kanjani ngoba bonke laba bantu bamnyama ngakho kumele babambisane uma sekutholakele umhlaba ukuze bawusebenzise ngokuzithuthukisa. Okunye okusilimazayo wukuthi abantu bakithi uma sebenikezwe umhlaba abasuke befake izicelo zawo, bayalwa noma abanye bagiye baqephuze bese kuthi ngemuva kwesikhathi bawubuyisele emuva ngoba bengasazi ukuthi bazowenzani,” kusho uMchunu.

Ubuye wakhala ngokunyuka kobugebengu bokwebiwa kwemfuyo, ukubulawa kwabantu nokugqekeza.

UMchunu ukhulume kafushane ngodaba lokudala amathuba emisebenzi, ikakhulukazi entsheni ephuma ezikhungweni zemfundo ephakeme, ekutheni ibhekelelwe ezinhlakeni ezahlukene zikahulumeni ukuba iqeqeshwe isikhathi esithile futhi ibe nemihlomulo eyitholayo.

Ukhulume nangezinga eliphezulu lokufeyila kukamatric esifundazweni, wathi kumele kubanjiswane ukuze le nkinga ilungiseke.

UMchunu umemezele nokuthi uhulumeni wakhe usufake isicelo kuzwelonke sokuba kuxegiswe intela kubafelokazi, ngoba bagcina bethwele kanzima ngenxa yokuthi bangabazali abangabodwana, kuhlanganisa namafa abasuke bewashiyelwe abayeni babo.

Okunye bafuna nokuthi kuxegiswe intela ekudleni kwezingane ezincane ukuze kunqandwe ububha emindenini empofu.