Izindaba

‘Ngeke athi vu ngeNkandla uZuma’

Celani Sikhakhane|Published

CELANI SIKHAKHANE

U MENGAMELI uJacob Zuma kulindeleke ukuthi angathi vu ngodaba olusematheni oluthinta ukusetshenziswa budlabha kwemali yabakhokhibentela ngesikhathi kuqiniswa ezokuphepha emzini wakhe eNkandla.

Lona kube umbono wabahlaziyi bezombusazwe izolo abebebheka izinto abakholwa ukuthi zingaba seqhulwini enkulumeni yesizwe, ezokwethulwa uZuma namhlanje ephalamende eCape Town.

Ngakolunye uhlangothi i-PAC nomfelandawonye wezinyunyana i-Cosatu bafuna uZuma agxile ezikhalweni abanazo ezibaphethe kabi ababona ukuthi ziyabacindezela.

I-PAC ifuna uZuma asebenzise inkulumo ebhekiswe esizweni atshele umphakathi ukuthi uyasikhulula isishoshovu sayo ejele, uMnuz Kenny Motsamai.

UMotsamai udonsa udilikajele ngecala alenza ngeminyaka yama-80s lapho yena ne-PAC babeqhuba umkhankaso wokubulala abamhlophe ngoba becasulwa uhulumeni wengcindezelo.

I-Cosatu ifuna uZuma akhulume kabanzi ngendaba yama-labour broker nokunqandwa kwe-Eskom ukuba iqhubeke nendaba yohlelo lwe-nuclear ezophehla amandla kagesi ngoba iyabiza futhi izodala ukuba intengo kagesi imbe eqolo.

Umhlaziyi wezepolitiki esikhungweni, iMzala Nxumalo, uDkt Muzi Mngomezulu uthe akulula ukuba uZuma akhulume ngendaba yaseNkandla, ikakhulukazi ngoba isisuke yasebenza njengesikhali sokukhankasa kwamanye amaqembu.

“Okubalulekile okubhekwe enkulumeni yakhe udaba oluthinta ezemfundo emazingeni aphakeme, kube yinkinga yesomiso ekhungethe izwe lonke. Okunye esingakulindela ukuba akhulume kabanzi ngakho ukhetho oluzayo lohulumeni basekhaya nokugqugquzela abantu ukuba bavote, bahloniphe ilungelo labanye lokuzihlanganisa namaqembu ezombusazwe. Ngaphandle kwalokho mancane amathuba okuthi akhulume indaba yaseNkandla. Isizathu angasibeka kungaba ukuthi udaba lusenkantolo ngakho akakwazi ukukhuluma ngalo,” kusho uMngomezulu. UMnuz Sanele Nene ongumhlaziyi naye uhambe emazwini kaMngomezulu wathi akaboni uZuma eyithinta indaba yaseNkandla, kodwa ibalulekile ngoba izinto ezenzeke enkantolo kuvela amaphutha enziwe kumele ageze igama lakhe.

“Mancane amathuba okuthi angayikhulumi indaba yaseNkandla nekaMnuz Nhlanhla Nene obenguNgqongqoshe weziMali yize kuyizinto ezibalulekile lezi esidingayo ukwazi ngazo. “Nokho esikholwa ukuthi uzogxila kukho indaba yezomnotho ngoba akuhambi kahle nokuthi acacise ukuthi izovelaphi imali yokuxhasa ezemfundo. Akugcini lapho kodwa kumele akhulume ngesomiso ngoba sikhubaza umnotho wethu ontengayo. Sekukonke sibheke ukuba athinte izinto eziningi ezizokwakha isizwe esingeke siqinise ukuthi yiziphi ngoba asazi ukuthi inkulumo yakhe ihlelwe kanjani,” kusho uNene.

Uthinte nendaba yokucwasa ngokobuhlanga wathi babheke ukuba uZuma akhulume ngayo ngoba kuningi okwenzekile lapho abantu abafana noNkk Panny Sparrow babonakale bekhuluma izinto ezingehli kahle kwabamnyama.