CELANI SIKHAKHANE
K USHUBE umoya izolo phakathi komkhulumeli wenyunyana yabasebenzi bokusansimbi, iNumsa nomsakazi woKhozi FM ngesikhathi beqagulisana bebanga ukuqokwa kukaDkt Mangosuthu Buthelezi ukuba athule isifundo ngengqalabutho yomzabalazo nezemfundo, uSolwazi Zachariah Keodirelang (ZK) Matthews.
Lesi sifundo ebesethulwa nguButhelezi ngoMsombuluko, besihambisana neminyaka engu-100 kwasungulwa iNyuvesi yaseFort Hare edume ngabaholi abaningi abamnyama abafunda kuyo abavelele emhlabeni.
Indaba iqale ngesikhathi uMnuz Castro Ngobese ongumkhulumeli weNumsa ebhala ebuza ukuthi kungani kungaqokwanga omunye umuntu ukuba ethule isifundo ngoMatthews ngoba uButhelezi akafanelekile.
Abantu bamphendulile bathi uButhelezi ungomunye wabafundi abakhiqizwa yiFort Hare futhi waphinde wafundiswa nguMatthews, yingakho kuqokwe yena. Ubhale kuTwitter ukuthi akaboni kube wumqondo omuhle ukuba kukhethwe uButhelezi ukuthi “athule lesi sifundo ngoba babemele izinto ezingahlangani benoMatthews. UButhelezi wayevimbe inkululeko kanti uMatthews wayefuna izwe likhululeke”.
Umsakazi woKhozi uNkosinathi Mshengu ungenele kule nkulumo wathi kungaba ngcono uNgobese afunde kabanzi ipolitiki ukuze aqonde ukuba khona kukaButhelezi kulo mcimbi obuseFort Hare.
“Kuyingozi ukungazi mfo kaNgobese! Uke walwenza kodwa ucwaningo ngaphambi kokuba ubhale le nkulumo yakho? Ngabe uke wazinika isikhathi wabuka inkulumo kaButhelezi ngaphambi kokuba ubhadluluke ubhale le nto? Indlela obuka ngayo izinto iyihlazo, zama ukufunda wandise ulwazi bhuti ngoba uzozihlekisa nezwe. Okokuqala bekukhona nabaholi be-ANC kulo mcimbi,” kusho uMshengu. Ethintwa uMshengu uthe udumele ukuzwa ukuthi uNgobese ungumkhulumeli wenyunyana enkulu kangaka, wathi ungumuntu ongafanelwe ukuba ngumholi ngoba uyingozi emphakathini. Uthe uyameluleka ukuba afunde noma afake isicelo sokuyofunda eFort Hare ukuze akwazi ukuhlukanisa umcimbi wepolitiki nalona obekukhuluma kuwo uButhelezi.
Uthe abaholi be-ANC kabazona izithutha ngendlela yokuthi bebengavele baye kulowa mcimbi ekubeni bekungowe-IFP ngakho uNgobese umbona eshaye isikhala.
UNgobese uphendule uMshengu kuTwitter ngokumbuza ukuthi uyiNkatha yini, esho nokuthi uma ethanda uMshengu akahambe ayobikela uButhelezi ngakushilo.
“Wena njengesitaki esiqavile, ungazincishi ulwazi kodwa funda kabanzi... Ingozi enkulu esizweni yilobu butaki bakho obugcwele ikhanda lakho. Mina angilona ilungu leNkatha futhi ngeke ngamlalela ... ihlazo iziqhaza ezifana nawe ezingalifuni iqiniso. Ngeke sikhohlwe wudlame olwalubizwa nge-7 Days War eMgungundlovu...” kusho uNgobese. Esekhuluma neSolezwe uthe usamile ekutheni uButhelezi ubengafanelwe wumcimbi omkhulu kangaka ngoba ukuthi umuntu abekhuluma ngaye wamfundisa, lokho akusho lutho.
Uveze nokuthi abantu abahlukumezeka ngobandlululo bavukwe yiminjunju bembona ekhuluma eFort Hare futhi okubaphathe kabi ngukubona abaholi be-ANC betetemuka naye.
Uthe uyadumala ukuthi abantu abafana noMshengu abafuni ukulazi iqiniso yikho benozwelo noButhelezi.
KuTwitter abantu bebetshela uNgobese ukuthi indodana kaMatthews, uMnuz Joe Matthews, ongubaba kaNkk Naledi Pandor we-ANC, wayesesigungwini esiphezulu ebuholini be-IFP kangangokuthi ohlwini olwaluya ePhalamende wayengowesibili.
Umphathi weNyuvesi yaseFort Hare uMnuz Tom Mvuyane, uphawule kuRadio 702 ngoButhelezi wathi baqoke yena ngoba ungomunye wabafundi abaqavile abakhiqizwa yiFort Hare.
UMatthews, waba umfundi wokuqala omnyama ukuthweswa iziqu kule nyuvesi ngo-1923 kanti waphinde wafundisa kuso lesi sikhungo abafundi okubalwa kubo uButhelezi nabanye.