UMNUZ Bheki Cele owayenguSihlalo we-ANC esifundeni saseThekwini okhonjwa ngenjumbane uMnuz Vusi Khoza owayeyikhansela le-ANC eThekwini ngokuthi wuyena okumele aphendule ngendaba yamabhasi ngoba waba nesandla ekutheni akhishwe ngaphansi komkhandlu weTheku ngoba efunela inhlangano yakhe imali. UMNUZ Bheki Cele owayenguSihlalo we-ANC esifundeni saseThekwini okhonjwa ngenjumbane uMnuz Vusi Khoza owayeyikhansela le-ANC eThekwini ngokuthi wuyena okumele aphendule ngendaba yamabhasi ngoba waba nesandla ekutheni akhishwe ngaphansi komkhandlu weTheku ngoba efunela inhlangano yakhe imali.
CELANI SIKHAKHANE noBONISWA MOHALE
O WAYEYIKHANSELA le-ANC kuMasipala weTheku ushiye angalazi kwabakwaGcaba ebasola ngokuthi banikezwa umsebenzi wokuphatha amabhasi kamasipala ngoba baziwa ukuthi basondelene noMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma futhi izinto bazenza ngenkani.
UMnuz Vusi Khoza osehola i-EFF esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ubekusho lokhu ekhuluma ohlelweni lwezindaba iThe Forum @8 esiteshini sakwa-SABC, i-SAFM.
Kodwa ongumkhulumeli wenkampani ephethwe abakwaGcaba, iTansnat, uMnuz Vuyo Mkhize ngesikhathi ethintwa Isolezwe uthe ngeke bakwazi ukuphawula ngezinsolo zikaMnuz Khoza ngoba uhlelo lweSAFM alwenziwanga kahle futhi abanikezwanga ithuba lokuziphendulela.
“Besingekho e-studio ngesikhathi uKhoza enza lezi zinsolo kodwa sesithathe isinqumo sokumangalela uhlelo lukaSakina Kamwendo enhlanganweni ebheke ukuziphatha kwemisakazo, iBroadcasting Complains Commission of South Africa (BCCSA),” kusho uMkhize.
UKhoza uthe abantu bakwaGcaba ayikho into abangayitholi uma beyifuna, kangangokuthi udaba lwabo uma lungalandelwa lusuka kude kubaholi be-ANC esifundazweni.
“Udaba lwalaba bantu lunzima ukuba lulungiswe ngoba bayaziwa ukuthi bafaka izimali kubaholi abathile be-ANC KwaZulu-Natal naseThekwini. Okunye bayizihlobo zikaMengameli Zuma futhi banamatekisi, yibo abalawula imboni. Uma ubuza indaba yabo kwa-ANC, uvele utshelwe ukuthi ubuholi sebusithathile isinqumo ngakho kumele uthule. Yikho ngithi indaba yabo isuka kude uma kubhekwa le nto yamabhasi ngakho abantu okumele baphendule kabanzi oMnuz Sihle Zikalala noMnuz Bheki Cele. Nginabo bonke ubufakazi balokhu engikukhulumayo angisho into engiyizwayo,” kusho uKhoza.
Uthe ngesikhathi kuqala kukhishwa amabhasi ngaphansi komkhandlu weTheku edayiselwa iRamant Alton, abantu ababesekhaleni laleso sinqumo kwakunguMnuz Bheki Cele owayenguSihlalo we-ANC eThekwini nowayeyiphini lakhe ongasekho uMnuz John Mchunu.
Uthe ngaleso sikhathi yena wayeseyikhansela le-ANC, waveza nokuthi uma yena nabanye ozakwabo bebuza indaba yokudayiswa kwamabhasi batshelwa ukuthi abathule ngoba abaholi sebesithathile isinqumo.
Umkhulumeli kaCele, uNksz Nonkululeko Mbatha ucele ukuba athunyelelwe umyalezo ukuze awudlulisele kuCele bese beyaphendula kodwa kushaye isikhathi sokushicilela bengakaphenduli.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mdumseni Ntuli, uthe kungani uKhoza engayi emaphoyiseni akhiphe ubufakazi obubambekayo njengoba ebeka kabi uSihlalo uZikalala nelungu lesigungu sikazwelonke uCele.
Uthe akusizi ukuthi ahambe ekhuluma emisakazweni, uma ekhuluma amanga uzobanjwa ngoba lokhu akwenzayo udicilela phansi isithunzi salaba baholi.