Izindaba

Balenyuse ngeRanger izinga kwaFord

Ngqeshe Buthelezi|Published

NGQESHE BUTHELEZI

IMOTO: Ford Ranger

S EKUCACELE noma ngubani ukuthi ushubile umncintiswano phakathi kwezinkampani ezintathu ezingaconsi phansi ebantwini ngamaveni azo asezingeni.

Lapha ngikhuluma ngeveni yakwaGeneral Motors esanda kuphuma i-Isuzu, eyakwaToyota, iHilux ebhekwe ngabomvu neFord Ranger entsha ekhishwe ngeledlule.

Asibonge nje ukuthi izinkampani zezimoto zikholelwa kakhulu ekusebenziseni amaqhinga namasu aphusile ukushela amakhasimende, kungafani namaqembu ezepolitiki asebenzisa amandla.

Umncintiswano okhona ngamaveni ungene kwelinye izinga ngeledlule ngesikhathi kwaFord bethula iRanger.

Ukukhombisa ngempela ukuthi kushubile, iRanger entsha ihlukene ngezinhlobo ezingu-33, uhlaba lapho uthanda khona kuye nangokujula kwephakethe le ndoda. Kulezi zinhlobo kukhona enenjini engu-3.2-litre Duratorq TDCi five-cylinder edonsa ngodizili okuyiyona esesigabeni esiphezulu kuwona wonke ama-Ranger.

Ozokuqaphela okushintshile kule ngadlangadla wuhlobo olusha lwe-exhaust oluhambisana nokonga uphethroli ngokungafinyelela ku-18 %. Ikhiqiza amandla afinyelela ku-147kW ne-torque engu-470Nm. Akuhlukile nokuthi uhamba ngemoto encane uma uhamba nge-Wildtrack ngoba ilula futhi inazo zonke izinto ezitholakala kuzona.

Baphinde bayinika amandla futhi injini engu-2.2 litre four-cylinder Duratorq TDCi. Isikhiqiza amandla afinyelela ku-118kW njengoba ekuqaleni ibigcina ku -110kW baphinde bayinyusa itorque ngo-10Nm njengoba manje isigcina ku-385Nm.

Le njini engu-2.2 Duratorq TDCi iphinde itholakale nakwezinye izinhlobo kodwa ingaphansi ngamandla ngoba ikhiqiza kufike ku-88kW ne-torque engu-285Nm. Kukhona nenjini engu-2.5 litre Duratec esebenzisa uphethroli ekhiqiza amandla afinyelela ku-122kW ne-torque engu-226Nm kuya ngokuthi iluphi uhlobo kodwa kuno-gearbox abehlukene kusuka kodonsa ngamagiya ayisithupha oshintshwayo nozishintshayo kanye nodonsa ngamagiya amahlanu oshintshwayo osebenzisa uphethroli nodizili.

Njengoba ngikuvezile ukuthi isihlukene ngezinhlobo ezingu-33 kuma-single cab, kukhona izinhlobo ezingu-12 okuyi-Base 2.5 esebenzisa uphethroli, Chassis Cab kuze kuyofika kwi-3.2 XLS 4x4 eshintshwayo.

IHLUKENE NGEZINHLOBO

Kuma-Super Cab kukhona izinhlobo eziyisithupha kusuka kwi-2.2 Duratorq TDCi 4x2 kugcine kwi-3.2 4x4 Automatic etholakala kuphela ngohlobo lwe-XLT.

Kuma-Double Cab bayishintshe kusuka phansi kuya phezulu ngezinhlobo ezingu-15 njengoba sekukhona injini entsha engu-2.2 Duratorq TDCi XL 4x4 ekhiqiza amandla afinyelela ku-118kW kanye ne-XLT- 2.2 TDCi 4x2. Edonsa kakhulu amehlo yi- 3.2 TDCi 4x2 etholakala ngo-gearbox oshintshwayo kanye nozishintshayo kuma-4x2 kanye ne-4x4.

Zonke izinhlobo zeRanger seziphuma ne-warranty yeminyaka emine emuva kuka-120 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu emuva kuka-100 000km.

Sekukhona ushintsho esikhathini sokuyenza iservice ngoba sekungu-20 000km kwezikaphethroli nodizili. Kuningi okushintshile kwiRanger njengezinto esiphuma nazo eziwumgomo njenge-Electronic Stability Program (ESP) ne -ABS kodwa okumele wengeze imali kwezinye izinhlobo ezisesigabeni esiphansi.

Ukunqamula ngayo ezintabeni kuba yinto elula ngokusebenzisa iHill Launch Assist ne-Hill Descent Control bese udedela ibhuleki kube yiyo ezibophayo endleleni, okwakho nje kuba ukulawula isiteringi.

IRanger ewubukhosi kakhulu iWildtrack ephuma nezinto eziningi njenge-Lane Keeping Alert ekwazi ukuxwayisa umshayeli uma imoto isinhlanhlatha emgwaqweni esebenzisana ne-Lane Keeping Aid, i-Adaptive Cruise Control okwazi nokuyishintsha kuye ngokuthi imoto ihamba endaweni enjani njengoba ngaphambilini iCruise control yakhona ubungakwazi ukuyishintshashintsha.

Ingaphakathi leRanger sebelishintshe lonke kodwa alukho ushintsho olutheni kwi-suspension.