Ngqeshe Buthelezi
IMOTO: VW Golf SV
N JENGOBA kuqala unyaka nabafundi sebebuyele ezikoleni into ekhathaza kakhulu abazali izinto zokuthutha ezihambisa izingane zabo ezikoleni.
Akekho umzali ongafisi ukuthi kube nguye uqobo othatha ingane yakhe ekhaya egcekeni aze ayoyithi qithi esangweni lesikole aphinde futhi ayilande nangesikhathi sokuphuma kwesikole.
Ezinye izinhlanga zikwenza kalula lokhu ngenxa yokuthi zinawo amandla. Kulabo bakithi abanawo amandla okwenza lokhu ngibona ingekho enye imoto efanele lo msebenzi ngaphandle kwe-Golf SV (Sport Van). Lena yimoto elungele omama ngoba inesikhala esikhulu futhi ivulekile yenza kube lula ukwenza imisebenzi yasekhaya.
Ngike ngakusho ngasekupheleni kuka-2015 emuva kokuyivivinya ukuthi ayikho ohlwini lwezimoto ezibanga isicoco semoto yonyaka eNingizimu Afrika ngaphansi kweSouth African Guild of Motoring Journalists (SAGMJ) kodwa yimoto efike yazitholela indawo ezinhliziyweni zabantu abanemindeni.
Ukungangeni kwayo embangweni wesicoco akuyinqindi amandla.
IFIKE KULELI NGENXA YEZITHUKUTHUKU ZE-GOLF
Ukulethwa kwale Golf eMzansi kuwumphumela wokwenza kahle kweGolf kanye nokuzibophezela kwabakwaVolkswagen ekwandiseni lo mndeni. Emazweni ase-Europe iGolf SV ibizwa ngeSportsvan.
Ungalenzi iphutha ucabange ukuthi ngenye nje yamaVW obekugcinwa ngawo icala lena kodwa i-Golf SV inazo zonke izinto eziphambili kwezobuchwepheshe besimanje ezitholakala kuwona wonke amaGolf hatchback.
IGolf SV iyigalofu lesizukulwane sesikhombisa kanti nayo akukho okuyenza ihluke kwezinye izimoto zakwabo ezilamayo. Ithe ukuba yinde kancane ngo-83mm uma uyiqhathanisa neGolf hatchback.
Ngaphakathi iyimoto evulekile futhi nezihlalo zangemuva ziyakwazi ukulala ziye naphambili kwande kakhulu isikhala.
Ngemuva isikhala sebhuthi singu-500 litres kanti eseGolf ejwayelekile sona siwu-380 litres.
Uma izihlalo zangemuva zilalisiwe isikhala siyanda sibe wu-590 litres ebhuthini bese kuba nodedangendlale wesikhala esifinyelela ku-1 520 litres.
Njengayo iGolf hatchback yakwabo neGolf SV iphuma nezinto eziningi ezihambisana nezokuphepha njengamabhuleki akwazi ukuzisebenzela emuva kwengozi ukuvimbela ukuthi ungabi mkhulu umonakalo.
Kukhona nobuchwepheshe obubizwa ngePreCrash system obukwazi ukubona uma sekunengcuphe yokuba kwehle ingozi, ikwazi ukuthi amabhande abambe ngqi abagibeli futhi kuvaleke amawindi ne-sun roof.
IHLUKENE NGEZINHLOBO
Zihlukene izinhlobo zeGolf SV kukhona esebenzisa udizili nekaphethroli. Injini kaphethroli ingu-1.2 litre turbocharged ikhiqiza amandla afinyelela ku-81kW. Le njini ilandelwa ngeyi-1.4 litre yona ekhiqiza amandla afinyelela ku-92kW. Injini ekhona edonsa ngodizili eyi-2.0 litre enamandla afinyelela ku-81kW. Ngokusho kwesitatiemende sabakwaVolkswagen iGolf SV izotholakala ngezinhlobo ezimbili okuyi Trendline neComfortline.
Izinto ezitholakala kwiTrendline yi-SD card reader wumsakazo odlala amaCD ne-screen esingu -5.0 inch esinemibala.
Ezihlalweni zangaphambili kunezindawo zokuphumuza izingalo, iphuma nama-airbag ayisikhombisa.
Izinto ezitholakala kwiComfortline amalambu enkungu, amasensa emvula. Kanti okhakhayini ishaya ngama-roof lining.