File photo File photo
NONTUTHUKO NGUBANE
U SASHAQEKILE umphakathi waseNgoje, eLouwsburg, ngase-Vryheid, ngesigameko sokubulawa kowesifazane oneminyaka engu-17 okuthiwa ushaywe ngumfowabo waze washona emuva kokuthola ukuthi useqomile.
Umphakathi wakule ndawo kuthiwa usamangele ngokubulawa kukaBuyisile Nkosi (17) okuthiwa ushaywe ngumfowabo oneminyaka engu-22 emuva kokuba ethole ukuthi usenesoka.
Lesi sigameko esingundabuzekwayo senzeke ngeSonto ebusuku.
Le ntombazane, okuvele ukuthi beyisafunda, kuthiwa yashaywa ngentambo okuboshwa ngayo izinkomo, yagcina ngokushonela khona endaweni yesigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sigameko wathi babophe umsolwa ngecala lokubulala.
“Amaphoyisa ase-Louwsburg aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sangeSonto.
“Amaphoyisa abizwe kubo kamufi ngo-7 ebusuku. Owesifazane oneminyaka engu-17 ushaywe waze washona emuva kwengxabano abe nayo nomsolwa. Umsolwa oneminyaka engu-22 uboshwe ngalo ilanga lesigameko. Kumanje usagcinwe esitokisini kulandela ukuvela enkantolo ngoMsombuluko. Icala lihlehliselwe uJanuwari 18. Umsolwa uyobe esefaka isicelo sebheyili esisemthethweni,” kusho uZwane.
Umthombo osondelene nalolu daba, ongathandanga ukudalulwa, uthe namanje basashayisana ngamakhanda ngokwenzekile.
Uthe ngokuthola kwabo umsolwa uthole ukuthi udadewabo useqomile ekubeni emncane ngeminyaka.
“Sifike isidumbu sesidindilizile kucaca ukuthi akukho okungenziwa ngaphandle kokubiza amaphoyisa, yize kungabanga yinto elula. Uma sibuza sithole ukuthi umshayele ukuthi useqomile udadewabo. Ngesikhathi kwenzeka lokhu abantu abadala bebengekho ekhaya, kusele izingane zodwa,” kusho umthombo.
Lo mthombo uthe isimo sishubile kakhulu emphakathini nasemndenini ngenxa yalesi sigameko. “Sisashaqekile, yisigameko esingakaze sasibona lesi kulendawo. Ukushona komuntu yinto enzima angiphathi ke kulesi sigameko njengoba omunye eboshiwe, namakhandlela ayakhanya ekhaya. Sisamangele namanje ukuthi ibishaywa kanjani lengane ize ishone nje. Izingane zihlezi zishaywa kodwa azishoni,” kusho lo mthombo.
Izolo Isolezwe lizamile ukuthinta umndeni wakwaNkosi, ukuba uphawule ngesigameko, kodwa yangaphumelela imizamo. Kwale noma sekuthintwa izihlobo zalo mndeni kodwa kwafana nokuthela amanzi emhlane wedada, njengoba engatholakalanga owomndeni othintekayo.