UNOMFUNDO Mkhize weVuma FM owathathwa uthando lokukhuluma nabantu lambeka emsakazweni noma eneziqu zePsychology. UNOMFUNDO Mkhize weVuma FM owathathwa uthando lokukhuluma nabantu lambeka emsakazweni noma eneziqu zePsychology.
MCEBO MPUNGOSE
U MSAKAZI weVuma FM oneziqu ze-Industrial and General Psychology uthi uthando lokuxhumana nabantu abaningi yilo olwamholela ekutheni agcine esengene emsakazweni.
UNomfundo Sisanda Mkhize (24) oshaya uhlelo olubizwa nge Turn Up olungena ngo-10 ebusuku kuya kuya ku-2 ekuseni ngoLwesihlanu nangoMgqibelo kwiVuma FM uthi wayevele enze iziqu zePsychology ngoba ethanda ukukhuluma nabantu.
“Ayikho into engiyithanda ukudlula ukuxhumana nabantu, ngizwe ngezimo abadlula kuzo kanye nendlela ababona ngayo impilo,” usho kanje.
Uqale ukusakaza ngasekupheleni kuka-2011, emva kokuzwa ukuthi iNanda FM ivule ithuba lokuqeqesha abantu abanothando lokusebenza emsakazweni. Ekuphumeleleni kwakhe emva kokuqeqeshwa, washaya uhlelo olubizwa ngeKasi Flavor kulo msakazo.
“Ngidlule lapho ngezwa kuthiwa iVuma FM ifuna abasakazi, ngabhalisa njengawo wonke umuntu ngadlula ezigabeni zokuhlolwa zakhona kodwa umsebenzi ngangawuthola zisasuka. Kuthe sekuhamba umuntu, bangithinta bathi sekuvele isikhala, ngaqala kanjalo ukusebenza khona,” kuchaza uNomfundo.
Uthe selokhu aqala ukusebenza emsakazweni isifundo esikhulu kunazo zonke asesifundile ukuthi ayikho into ebaluleke njengesikhathi empilweni.
“Uma ungumsakazi, usebenza ngesikhathi osinikeziwe emoyeni. Leso sikhathi kumele wenze konke okusemandleni ukuthi ushaya umsebenzi oseqopheleni eliphezulu ngoba abantu bakukhumbula ngohlelo lwakho lokugcina, okuyikho okwenza balulangazelele ngokuzayo.”
UNomfundo uzalelwe eMpangeni, eSkhawini kodwa wakhulela eThekwini. Uphothule uGrade 12 eDurban Girls Secondary High School lapho ayedlala khona iNetball. Iziqu zakhe kwiPsychology uziphothule eNyuvesi yakwaZulu-Natal eHoward College ngo-2012.
Uthe ngesikhathi sakhe uma engasebenzi uyathanda ukuzikhiphela ezindaweni zobumnandi.
“Enye indawo engiyithanda kakhulu isolwandle. Nginenhlanhla ukuthi ngihlala eThekwini lapho engingadingi khona ukuthi ngihambe ibanga elide ukuze ngifike olwandle. Uma ngisendlini ngithanda ukufunda izincwadi, noma ngibuke izindaba kuthelevishini ukuze ngihlale ngazi ukuthi kwenzakalani,” kusho yena.
Uthe njengoba kuza uKhisimusi nje kubo bahlela ukupheka icottage pie, namascorns abazowahambisa emphakathini waseRichmond beyonikela.