NONTUTHUKO NGUBANE
ISEKUBHACENI inyanga yaseMzinto okusolwa ukuthi ibaleke emuva kokuba ishumpule ngobhushu ikhanda lomuntu ngenhloso yokuthaka umuthi onzima.
Amaphoyisa aseMzinto athungatha inyanga ngecala lokubulala uNawaaz Khan (23) wakhona eMzinto, maqede yamshumpula ikhanda.
Le nyanga kuthiwa yatshela umngani kamufi uMnuz Thando Duma (21) ukuthi idinga ikhanda lowomdabu wasendiya ukuze ithake umuthi ezomelapha ngawo.
UDuma wayekade ekhale ngezinkinga abhekene nazo, edinga umuthi.
Ngo-Okthoba 31 nonyaka umufi kwabikwa ukuthi ulahlekile esiteshini samaphoyisa eMzinto.
UDuma waphonswa imibuzo ngamaphoyisa wavele wakhihla isililo wavuma konke ngayekuthunywe yile nyanga.
Isidumbu sikamufi sitholwe ngempelasonto ehlathini. Ikhanda lingabonwa. Izolo ebusuku Isolezwe lithole ukuthi ikhanda litholakale ezihlahleni khona eMzinto selihlukanisiwe. Ulimi namehlo kuthiwa bekuthukuswe ngokuhlukana nekhanda likwenye indawo.
Kuthiwa inyanga beyihlose ukubuye ililande nezicubu ebesezikhishiwe. Inyanga kuthiwa icele omunye umsolwa ukuba ayigadele lona. UDuma okumanje uboshiwe, wakhombisa amaphoyisa isidumbu sikamufi ehlathini laseSonti khona eMzinto.
Izolo uDuma uvele enkantolo yaseMzinto icala lahlehliselwa uNovemba 19 nonyaka.
Isidumbu sikamufi satholakala singenakhanda.
Ngokuthola kweSolezwe uDuma nale nyanga ngesikhathi beshumpula ikhanda, balala endaweni yesehlakalo.
Ekuseni kuthiwa inyanga yathi ikhanda izolisebenzisa eThekwini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa athungatha le nyanga ngecala lokubulala maqede icwiye ikhanda.
“Umsolwa oneminyaka engu-21 uboshiwe kulandela ukuvuma ukuthi wabulala umngani wakhe ngoba efuna ikhanda elalifunwe yinyanga ukuze imthakele umuthi ezomelapha ngawo. Kumanje sifuna inyanga esibalekile,” kusho uNaicker.
Ubhushu owasetshenziswa kubulawa umufi ubungakatholakali. Kuvele ukuthi kwathathwa amateku kamufi namaselula amabili.
Uphenyo luholele kwabanye abasolwa ababili ababephethe amaselula kamufi. Laba basaphenywa kepha kababoshwanga.
Inyanga efunwayo kuthiwa abaphenyi becala bayayazi kodwa lapho ibihlala khona iqoqe konke yakhala yemuka.
Umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni uncome umsebenzi wamaphoyisa ngokushesha ubophe umsolwa, wanxusa ukuba umphakathi wakule ndawo ulekelele.
“Ngiyakholwa wukuthi ukuboshwa kwenyanga ethintekayo kuzokwenzeka maduzane. Akwamukelekile ukuthi izigameko ezifuze lezi zilokhu ziqhubeka. Siyanxusa umphakathi ukuba ungalinge ulandele imiyalelo efana nalena esuke ivela kubelaphi. Kumele ubikele amaphoyisa uma utshelwa yizinyanga ukuthi mawenze ubugebengu,” kusho uNgobeni.
Umphakathi uyalelwe ukuba ungaziphindiseleli kule nyanga efunwayo kodwa ubikele amaphoyisa uma unolwazi ngayo.