NGQESHE BUTHELEZI
IMOTO: Tata Bolt
U MA ucabanga igama elithi Tata emqondweni kufika isithombe semoto engaqinile, engathembekile futhi okungelula nokuthola izinsimbi zayo uma isifile. Konke lokhu sekuwumlando ngoba le nkampani yaseNdiya isikwazile ukubuyisa isithunzi sayo ngokunyusa izinga emotweni yabo entsha iTata Bolt esesigabeni sezimoto ezingaphansi kweB segment.
Angikusho nje ngingahlonizi ukuthi ziningi izimoto zezinkampani ezidumile kodwa ezingaliboni elidlalayo kwiBolt. Ingaphakathi layo liwumumpu, futhi abasayixinile ngoplastiki njengoba babenza ezimotweni zabo zaphambilini. Okunye engikuqaphelile ngesikhashana ngihamba ngayo wukuthi awusekho nomsindo ongabekezeleki obuhaza emawindini uze ukhohlwe wukuthi uhamba ngemoto encane kwiTata. Uzokhumbula ukuthi iBolt ifika nje bese kuphele iminyaka emithathu kucwebe iziziba kwaTata kungekho okusha abaqhamuka nakho, kodwa umphumela walokho uyabonakala ngoba bazinike isikhathi esanele behlanganisa iBolt.
Izinhlobo zeBolt zihlukene kabili kukhona i-XMS kanye neXT zonke ezitholakala ngemibala ehlukene egqamile.
Kulezi zinhlobo kukhona enesishwapha iHatch kanye nenesinqe iSedan. Isikhulu esisha kwaTata uKyril Michael sithi bazishaya isifuba ngale moto yabo. siveza ukuthi babheke ukuthi lena enesishwapha idayise kakhulu ukwedlula enesinqe. Uma ungaphakathi kwiBolt akukho nokuncane okukhombisa ukuthi yiTata kodwa sekuyimoto esezingeni elicokeme futhi okunye okuhle abakwenzile ukuyinika isikhala esanele ngaphakathi base bandisa nezindawo zokubeka izinto kanjalo nesitayela njengoba iphuma nomsakazo ohlanganisa okuningi.
Noma uphawu lakwaTata luzoba nawo umthelela ongemuhle ekuthengweni kwale moto, kodwa ngokwami ngibona benze umsebenzi oncomekayo kwiBolt futhi angingabazi ukuthi amakhasimende bazowazuza ikakhulukazi uma uzoqhathanisa intengo yayo nezimbangi zayo zaseKorea.
“Ukwakhiwa kweBolt kube wumphumela wokuhlanganiswa kwemicabango ehlukene kwabasebenzi bakwaTata Motors futhi lezi zinhlobo ezintsha zeBolt zikhombisa unyawo olusha le nkampani esizoshaya ngalo kanye nezimoto ezintsha esizozethula kule minyaka emihlanu ezayo, ukuze izibeke endaweni ekahle kuleli,” kuphawula uMichael.
IBolt ifika eningizimu Afrika nje eNdiya yaqala ukudayiswa ngoJanuwari nonyaka emuva kokukhonjiswa okokuqala embukisweni iDelhi Motor Show ngo-2014.
Ingaphandle le Bolt bathi lithathelwe kakhulu kwindlela entsha asebakha izimoto zabo ngayo kwaTata abayibiza nge-wedge-style design ababuye bayibize ngeThe Humanity Line.
Uma uzoqaphela iBolt ngaphambili abazange bayishintshe kakhulu igrille kodwa babuyise omdala abadume ngawo ezimotweni zabo.
Injini yayo ingu-1.2 litre Revotron turbocharged esebenzisa uphethroli kuzona zombili izinhlobo.Le njini ikhiqiza amandla afinyelela ku 66kW kanye ne-torque engu-140Nm. Noma kuyinjini encanyana kodwa inamandla futhi ungakwazi nokuyishayela ngezindlela ezihlukene kusuka kuSport, Eco kanye neCity mode. Iphuma no-gearbox odonsa ngamagiya amahlanu oshintshwayo. Bathembisa ukuthi ngo-2016 bazobe sebethula eshintshwayo i-automatic transmission. Kuningi okwenza kube yimoto okulula ukuyishayela iBolt njengesiteringi sakhona sikagesi.
Isiteringi sayo siphethe konke njengokuthi uyakwazi ukuphendula kuso iselula, kukhona ne-touchscreen, ukwazi ukuxhuma iBlootooth. Ungakwazi ukudlala i-USB uxhume neSD card ubuke amafilimu nomculo kodwa lokhu kwenzeka kuphela uma imoto imile ngoba kuhambisana nokuqinisekisa ukuphepha.
Ukuphepha bakubeke phambili kwiTata Bolt ngoba iphuma nama-ABS, electronic brake distribution (EBD). Ngaphambili iphuma ne-airbag yomshayeli neyephasenja. Akuyona imoto “abafana” abangadlela kalula kuyona ngoba ine-alarm-immobiliser ne-remote central locking
Noma umuntu engazange alithole kahle ithuba lokuvivinya isuspension kodwa iphuma ne-coil springs kanye neMacpherson struts ngemuva nangaphambili.
KwaTata bathi bagculisekile ngale moto futhi okubahlaba kakhulu umxhwele ngayo yintengo yayo futhi njengoba nesimo serandi sintengantenga abantu ngeke bazwele kakhulu uma bethenga iBolt.
Zonke izinhlobo ziphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu kumbe ephela emuva kpkuhamba ibanga elingu-100 000km ne-service plan yeminyaka emibili noma ephela ngemuva kuka-30 000km.
AMANANI
Bolt Hatch XMSR132 995
Bolt Hatch XTR142 995
Bolt Sedan XMSR142 995
Bolt Sedan XTR152 995