Ngqeshe Buthelezi
IMOTO: Isuzu KB
AKUBUZWA ukuthi inkulu impi phakathi kwezinkampani ezikhiqiza amaveni asesitayeleni kuleli njengoba kucace kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi akekho ofuna ukusilela ngemuva.
Emasontweni amabili edlule kwaGeneral Motors bethule i-Isuzu entsha ceke. Bakwenza konke lokhu nje maphakathi nenyanga ibhekwe ngabomvu iFord Ranger ewuhlobo olusha kanjalo nengqovungqovu iToyota Hilux.
Singasho nje ukuthi amasi asebekwe elangeni sekuyoya ngawe mthengi ukuthi uhlabe lapho uthanda khona.
Kwi-Isuzu entsha kuningi abakushintshile njengomsakazo nezinye izinto ezihambisana nesitayela konke okuhlanganiswa kubizwe nge-infotainment.
Intandokazi yenjini kulesi sigaba i-2.5 litres esebenzisa udizili yiyona abazishaya isifuba kakhulu ngayo.
Okunye engikuqaphelile ngayo ukuthi akuseyona imoto yasemapulazini njengoba bekujwayelekile kuqala kodwa usungakwazi nokungena esudini yakho uhambele ngayo imihlangano yezicukuthwane neyomsebenzi.
Ayikho enye indlela abangakhombisa amandla nokwethembeka kwaleli veni ngaphandle kokuba balethule ezindaweni ezimazombezombe lapho izobuye iqwale khona izintaba.
Akuselula ukuthi usheshe uzwe ukuthi yiveni uma usungaphakathi ngenxa yoshintsho olukhulu abalwenzile kulezo ezingama-double cab kanye
nezibizwa ngama-extended cab KB300 D-Teq esezishaya nge-screen esicindezelwa kancane ngaphambili esihambisana ne-satellite navigationa system inkombandlela, kunendawo ongakwazi ukuxhuma kuyo iselula, uphinde ukwazi nokudonsa i-internet futhi kune WiFi.
Lukhona nolunye ushintsho kwezinye izinhlobo njengokuthi i-LX awusawudingi ukhiye uma uzongena kuyo.
Kulabo abathanda ubukhosi izinto sezilula kakhulu ngoba i-300 D-Teq 4x4 double cab isitholakale ngo gearbox omusha ozishintshayo ozishintshayo.
Le njini ikhiqiza amandla afinyelela ku 130kW kanye ne torque engu 380Nm. Okuhle engikuthandile abakwenzile ukuthi bangayiqedi lena eshintshwayo ngoba esikhathini esiningi emapulazini basakholelwa ekutheni imoto kumele uyixove amagiya. Injini engiyibona izodlaisa kakhulu njengoba ngike ngakuveza yiyona iturbodiesel etholakala ku KB 250 D-Teq ekhiqiza amandla afinyelela ku85kW kanye ne torque engu 320Nm.
Okunye abakwengezile kwizinhlobo eziyisikhombisa zama Isuzu igeometry turbocharger phambilini ebitholakala kuphela kwi 3.0D-Teq. Mkhulu umehluko obonakala ngokwengezwa kwayo kusuka emandleni emoto kanye nokwenyuka kwesisindo somthwalo engawulayisha.
Uzokhumbula ukuthi benza lolu shintsho olungaka nje kwi-KB kusaphele iminyaka emibili bayethulile. Ngiyazi ukuthi iningi labathenga lezi zimoto likhalela kulena esesigabeni esiphansi ngenxa yentengo kodwa kulokhu ngeke bazisole ngoba nazo bazibhekelele kakhulu njengokuthi uma uzokhumbula kahle phambilini i-KB esesigabeni esiphansi yabe iyisinkonkonko isiteringi sakhona ungakwazi ukusimisa ngendlela ezohambisana nawe mshayeli, kodwa konke lokho bakushintshile manje.
Njengoba sekwengezwe ezinye izinhlobo okuyi Fleetside kusho ukuthi izinhlobo ze Isuzu ezweni sezingu 18. Impahla enkulu i-3.0 litre double cab kuzona zonke izinhlobo isiphuma namalambu akwazi ukukhanya ubusuku nemini ane LED.
Uzokhumbula ukuthi kuqala kulolu hlobo bekudlisa amalambu enkungu asephelelwe yisikhathi. noma ngingazange ngilithole ithuba lokuvivinya i-Isuzu LE kodwa bayakuqinisekisa ukuthi isiphuma nayo icruise control.
Zonke izinhlobo ze KB ziphuma ne warranty yeminyaka emihlanu emuva kuka 120 000kmkanye ne service plan yeminyaka emihlanu emuva kuka 90 000km. Kumele njalo emuva kuka 15 000km iyiswe kwabo iyokwenziwa iservice ukuze ihlale ingumumpu.
AMANANI KB 250 D-Tec Fleetside R270 600 KB 250D Teq LE R307 600 KB 250D Teq 4x4LE R357 400 KB 300D Teq LX R355 700 KB 300D Teq 4x4LX R410 000 KB 250D Teq Extended cab Fleetside R317 000 KB 300D Teq Extended cab LX R394 200
KB 300D Teq Extended cab LX Auto R451 800
KB 300D Teq extebded cab 4x4 LX R407 500 KB 399D Teq double cab LX auto R474 900 KB 300D Teq double cab 4x4 LX R523 600 KB 300D Teq double cab 4x4 LX auto R529 700