Izindaba

Iyazwela emaqaqasini i-Veloster Turbo

Ngqeshe Buthelezi|Published

NGQESHE BUTHELEZI

IMOTO: Hyundai Veloster Turbo

I NHLIZIYO yami namanje isaqaqamba ngokuthola ithuba lokuvivinya iVeloster Turbo okube yimpelasonto evele yaqondana nohambo lwami obelubheke emaqaqasini.

Ngithathe isikhathi esiningi ngibheka ibalazwe lalapho ngiya khona ngifuna nokwenza isiqiniseko sokuthi imigwaqo yakhona ayimibi futhi imoto izokwazi ukuhamba kuyo. Njengoba bengizohamba ngeVeloster Turbo nje, bekumele ngiqikelele ngoba iyimoto ekhasa phansi okulula nokuthi ilimale. Emuva kokushiya umgwaqo oyitiyela lapho bengiya khona, ngizithole sengigudla ngobhuqu ingekho inkinga kodwa ubunzima buqale lapho sengibona ibhodi lalapho ngiya khona bengitshela nokuthi sekusele amakhilomitha amangaki.

Okwenze ngaqaqanjelwa yinhliziyo ukuyibona ingena kulo mgwaqo ishaya phezu kwawo amatshe kodwa incenga. Lapho ubuhle bayo bese bungasathi shu kodwa sengikhathazeke ngokuphepha kwayo.

Noma ngingaqondile ukukutshela ngohambo lwami, umyalezo kulesi singeniso uthi ungalinge uhambise iVeloster Turbo emigwaqweni emibi.

Ingenye yezimoto engingayiboni yamukelwa emakethe ngoba ibanga nezinkunzimalanga esezizakhele igama njenge-VW Scirocco, BMW X1, Audi A3 ne-Kia Koup. Zonke lezi zimoto ziyaziwa. Noma kunjalo kodwa kumele sibethulele isigqoko kwaHyundai nokuqhamuka nemoto yejubane okokuqala selokhu bafika eNingizimu Afrika.

Ukufika kweVeloster Turbo kwenze iningi labantu elikhonze iHyundai labonga ezikhulwini zale nkampani eKorea ngoba kade liyilangazelele imoto yejubane.

UStanley Anderson oyisikhulu kwezokukhangisa kwaHyundai, uthi ukufika kwale moto kuzokwenza umehluko futhi yamukelwe ngezandla ezimhlophe ngabathengi ngisho nabadayisi bayo imbala.

Uzokhumbula ukuthi iVeloster yokuqala yethulwa ngo-2013 kodwa kumele silikhulume iqiniso, akuyona imoto efike yathandwa abantu ngesikhathi isaqala kodwa manje isiyangenisa impela. Iningi labantu elithenga le moto lithanda imibala egqamile njengobomvu, ophuzi nocwebezelayo ngiwubone ushaya bo.

Angibasoli kakhulu kwaHyundai ngokungenzi kahle kweVeloster ngoba isesigabeni esinzima njengoba ngike ngazibalula izimoto ebanga nazo.

INJINI YE-VELOSTER TURBO

Injini engu- 1.6 T-GDI unit, ikhiqiza amandla afinyelela ku-150 kW ne-torque egcina ku-265 Nm.

Mkhulu umehluko phakathi kwenjini yeVolester Turbo nalena ejwayelekile. Idonsa ngamagiya ayisithupha, iyashintshwa. kukhona nenye edonsa ngamagiya ayisikhombisa iDual Clutch Transmission (DCT). Injini ejwayelekile ikhiqiza amandla afinyelela ku-103kW ne-torque engu-167Nm.

“IVeloster Turbo ifana nenkombandlela yalapho kubheke khona indlela izimoto zakwaHyundai ezizobukeka ngayo esikhathini esizayo: ngokuthi sakhe izimoto ezinezinjini ezisezingeni eliphezulu futhi ezihambe kakhulu nakwezobuchwepheshe ezizodonsa kakhulu abathengi abafuna izimoto ezihlukile. Okumnandi ukuzishayela futhi zithembekile,” kugcizelela u-Anderson.

Indlela ebukeka ngayo ngaphandle ayishintshile kakhulu kunaleyo endala kodwa imfihlo enkulu yayo isenjinini.

Iphuma ne-intercooler, direct fuel injection system ne-dual CVVT. KwaHyundai bathe ukuyithintathinta i-suspension ngemuva nangaphambili ukuze ihambisane namandla emoto nomshayeli athole lowo muzwa we-turbo.

Okunye abakwenzile ukushintsha amapayipi abephakathi nendawo, base befaka amabili ahlukene okwenza nomsindo wenqawe ushintshe ibhonge kakhulu.

AMANANI

Veloster 1.6 Turbo GDI Elite Manual R379900

Veloster 1.6 Turbo GDI Elite DCT R399 900