Ngqeshe Buthelezi
IMOTO: VW Polo
A KUSEYONA imfihlo noma into okudinga ukuthi kuze kucishwe ikhandlela ukuze ikhulunywe. Sekuyaziwa ukuthi zonke izinkampani sezehlela ngezansi ngezinjini ngenxa yomqansa kwezomnotho.
Kucacele nengane ekhasela eziko ukuthi umnotho emhlabeni kuhlanganisa neNingizimu Afrika awuhambi kahle yingakho nje nezinkampani zezimoto zingahlonizi ngokukhiqiza izinjini ezincane ukuze kungathwaliswa abantu omunye umthwalo. Uma uzoqaphela izinkampani eziningi sezikhiqiza izinjini ezingama-1.0 litre, 1.2 litre kuya ku-1.4 litres.
Ungadideki uze uzitshele ukuthi lokhu bakwenza ngoba kuyinto esesitayeleni kodwa nabo bazama ngazo zonke izindlela ukwehlela ngezansi babambe amakhasimende angasakwazi ukuthenga izingqovungqovu zezimoto.
Ngeledlule kwa-VW balinyusile izinga le- Polo TSI ngesikhathi nayo beyibhabhadisa ngobuchwepheshe be-BlueMotion.
Uzokhumbula ukuthi iningi lezimoto zale nkampani vele sekunesikhathi zisebenzisa lobu buchwepheshe. Nge-BlueMotion iPolo 1.0 litre iyakwazi ukonga uphethroli ngo- 0.7 wamalitha. Injini entsha yePolo 1.0 litre TSI BlueMotion ingu-three cylinder kanti ikhiqiza amandla afinyelela ku-70kW nejubane layo eliphezulu eligcina ku-191km/h.
Njengomuntu oseke wahamba ngePolo ejwayelekile ngizizwele umehluko kwi-TSI BlueMotion futhi okunye okuhle ngayo ukuthi abashintshanga nje injini kuphela kodwa kuningi nokunye okuzokwenza umthengi ayilangazelele. Njengoba beyifake iBlueMotion nje nayo iPolo isiyakwazi ukuthi injini izicishe ezindaweni ezinjengasemarobhothini iphinde isuke futhi okungenye yezindlela zokonga uphethroli.
Ngesikhathi ngishubuluza ngayo bekungelula ukuthi uyizwe onyaweni ukuthi imoto engu-1.0 litre ngoba inamandla, iyabambelela kanti ithule emgwaqweni. IPolo TSI iphuma namasondo angu-15 inch ahambisana nerimu. Okunye engikuthandile ngayo ukuthi benze isiqiniseko sokuthi noma inenjini encane kodwa bayibeka ezingeni lokuphepha lawo wonke amaPolo njengokuyifaka i-Automatic Post- Collision Braking System, (eyenza ukuthi imoto ibambe amabhuleki emuva kokushayisa ukuvimbela umonakalo omkhulu). Uma uhamba ngale Polo awubi nesizungu ngenxa yomsakazo wayo obizwa nge-infotainment owuthola kwi-screen esingu-5.8 inch. Ngikusho lokhu ngoba ziningi izinto eziqukethwe kulesi screen ongakwazi ukudlala ama-CD, MP3, ungakwazi ukusebenzisa iBluetooth neselula ne-USB.
Uzokhumbula ukuthi le njini ivala isikhala sendala ebingu-1.2 litres TDI ekhiqiza amandla afinyelela ku-55kW okusho ukuthi selilikhulu igebe phakathi kwalezi zinhlobo zePolo.
Njengoba amandla ayo esenyukele ku- 77kW ngicabanga ukuthi bekungaba kuhle ukuba kwa-VW balifakile negiya lesithupha ngoba ngesikhathi ngihamba ngayo emgwaqweni ovulekile ngikuqaphele ukuthi amagiya amahlanu awanele kodwa uyalidinga elesithupha lokuyikhulula.
Njengoba isiyiBlueMotion sebeyishintshile kancane nendlela ebukeka ngayo bayinciphisa sakuba umtshumo abakubiza ngokuthi yi-aerodynamic okuhambisana nokonga uphethroli. Okunye abakwenzile ukwehlisa u-chassis base beyinameka nge-spoiler ngemuva. Injini yayo bayehlisile isisindo njengoba isingu-three cylinder.
EZINYE IZINJINI ZEPOLO
KWA-VW baphinde bengeza ezinye izinjini zikadizili ezintsha okuyi-1.4 TDI ekhiqiza amandla afinyelela ku-55kW netorque engu-210Nm. Le TDI ijubane layo eliphezulu ligcina ku-173km/h. Idonsa ngamagiya amahlanu, ashintshwayo.
Enye yalezi zinjini ingu-1.4 TDI ekhiqiza amandla afinyelela ku-77 kW ne-torque engu- 250Nm. Zonke izinhlobo ezintsha zePolo ziphuma nezinto ongakwazi ukuzengeza emotweni ngokuthi thasi enye imali ngaphezulu njengamalambu eBi-Xenon ahambisana ne-LED akwazi ukukhanya ubusuku nemini kodwa atholakala kuphela kwiCrossPolo ne-BlueMotion, ukhakhayi oluvuleka ugabagaba i-panoramic sunroof, park distance control, ikhamera esiza umshayeli uma ehlehla.
IPolo entsha iphuma ne-service plan yeminyaka emithathu emuva kuka-45 000km, ne-warranty yeminyaka emithathu emuva kuka-120 000km.
AMANANI
1.0 TSI 70 kW BlueMotion R235 800
1.4 TDI 55 kW Trendline R223 500
1.4 TDI 77 kW Highline R252 000
1.4 TDI 77 kW Cross R260 000