ANGAMSHADA okwesibili unkosikazi wakhe uSfiso Ncwane yize engxekwa abaningi ngodaba lokungamondli umamezala wakhe. Lapha uthando lwalundiza phezulu ku-Ncwane nonkosikazi wakhe u-Ayanda ANGAMSHADA okwesibili unkosikazi wakhe uSfiso Ncwane yize engxekwa abaningi ngodaba lokungamondli umamezala wakhe. Lapha uthando lwalundiza phezulu ku-Ncwane nonkosikazi wakhe u-Ayanda
NONTUTHUKO NGUBANE
Uyivikele inkosikazi yakhe umculi wokholo uSfiso Ncwane osanda kupha umfundisi wakhe imoto ka-R1.9 million.
Kusukela ngeledlule uNcwane uzithintele kubalandeli bakhe abebemgxeka ezinkundleni zokuxhumana ngesipho sonyanyavu lwemoto emhlophe iMercedes-Benz AMG GL 63 V8 ayinike umfundisi uFrancis Anosike ngeSonto eledlule.
Ukugxeka kube sekufaka nenkosikazi yakhe eyimenenja yakhe, u-Ayanda Ncwane.
Izindaba zokuvela kukanina, uNksz Fikile Ncwane (60), ekhala ngokungondliwa kodwa indodana yakhe ibe inikela ngemoto ebizayo yikhona okuhudulele u-Ayanda kulolu daba ngoba kusolwa yena “ngokufaka uNcwane umoya omubi”.
Ekhasini lika-Ayanda ku-Facebook ubebhale ukuthi usathane unamanga: “Unamanga sathane nabantu bakho, ngeke usenze lutho singabakaJesu thina.”
Abanye abebephendula bebekhwela bedilika bebuza ukuthi ngabe unina kaNcwane lo athi unguSathane onamanga.
Abanye bebefaka nezithombe ze-friji, abanye bemthuka bethi ungumakoti okhohlakele odukisa indoda yakhe.
UNcwane uthe bangayigxeka bafike lapho bethanda khona inkosikazi yakhe kodwa akasoze ahlukane nayo ngoba bafunga ngesikhathi beshada.
“Noma bangathini ngenkosikazi yami ngeke ngiyidivose. Ngiyayithanda inkosikazi yami. Indlela esengiyithanda ngayo selokhu kuqubuke lokhu kugxekwa ezinkundleni zokuxhumana, sekuthi angiyishade okwesibili. Ngeke ngikwazi ukulawula okushiwo ngabantu ezinkundleni zokuxhumana ngoba basho abakuzwa ngaphakathi kodwa ngokwami ayizange yenze okungalungile,” kusho uNcwane.
U-Ayanda ubeke aziphendulele kuFacebook athi abantu bakhulumiswa wukuthi kabalazi iqiniso.
Selokhu kuvele izindaba zokungondliwa kukanina kaNcwane u-Ayanda uthe uNkulunkulu ukhulumile nabo, wathi abathule ngakho akukho okuningi abazokuphawula.
UNcwane izolo uthe usazama ukuhlela umhlangano nomndeni ukuze ixoxwe le ndaba.
“NgiseGoli mina ngiyasebenza, simatasa nge-Clash of the choirs (SA), ngizilungiselela neBayede Tour. Ngithumele umfowethu ukuba aye ekhaya kumama ukuze kuhlelwe ukuthi sihlangana nini njengomndeni. Okuningi angithandi ukukukhuluma emaphephandabeni ngoba lolu wudaba lomndeni,” kusho uNcwane.
U-Ayanda uthe usematasa kolunye ucingo wangakwazi ukukhuluma neSolezwe. Izolo asikho isitatimende esithunyelwe kwabezindaba njengoba kade kulindelekile.
UMillicent Nene ongomunye ophawule ekhasini lika-Ayanda ubeke kanje: “Umuntu onamanga la, uwena. Uhluleke wukwenza umsebenzi wakho njengenkosikazi. Noma ungaziveza ukuthi umuhle kodwa unenhliziyo elukhuni nembi. Usaqhubeka nokubhala (kuFacebook) uthi ugxeka usathane, ekubeni kunguwe onosathane. Omamezala bayinkinga ngiyazi ngomama wami kodwa umlahle, ungamnaki, ungamondli...?”
Kuningi abantu abebemthuka ngakho kodwa okuningi kwakho ngeke kwashicilelwa.