Izindaba

Ukushaywa kuCaf kuzosivusa: Tinkler

Mbongiseni Buthelezi|Published

MBONGISENI BUTHELEZI

EseGoli

AMEHLO omqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Eric Tinkler, asebheke emdlalweni we-Absa Premiership olandelayo neMpumalanga Black Aces e-Orlando Stadium, eSoweto, kusasa, ngo-7:30, ebusuku.

UTinkler neqembu lakhe batheleke ngoLwesibili esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, eGoli bephuma e-Egypt lapho beshaywe khona yiZamalek ngo 4-1 emdlalweni wokugcina wamaqoqo weCaf Confederation Cup.

Yize iPirates ishaywe yiZamelek kodwa izodlala kuma-semi final alo mqhudelwano lapho izotholana ne-Al-Ahly yase-Egypt.

“Sinomdlalo obaluleke kakhulu kithina ne-Aces okufanele siwunqobe noma yikanjani, sithole amaphuzu amathathu,” kusho uTinkler.

Nokho ngesikhathi iPirates ibuya, ifikele ezindabeni ezimbi zokushona kukanina ka-Issa Sarr odabuka eSenegal. Indawo yakhe ingase ithathwe uThandani Ntshumayelo.

Lo mdlali ongasali esikimini sikaTinkler uzophuthwa wumdlalo we-Aces njengoba kumele aye ekhaya.

Izinto kaziyihambeli kahle iPirates kuligi njengoba isishaywe emidlalweni emibili kwemithathu. Igcine ihlulwe yiBloemfontein Celtic ngo 1-0, yashaya iChippa United ngo 4-1 kanti yavula iligi ngokuguqiswa yiSuperSport United ngo 1-0.

UTinkler uthe wethemba ukuthi ukuhlulwa kwabo yiZamalek kubaphaphamisile abadlali bakhe.

“Bathole ukuphaphanyiswa okukhulu ngokuthi sishaywe kulo mdlalo. Kufanele bazi ukuthi izinto azilula. Thina njengabaqeqeshi besifuna ukuthi siqede siphezulu eqoqweni kodwa abadlali beZamalek bebengcono kunathi,” kusho uTinkler.

Uvikele udonga lwakhe obelubukeka luxovekile emdlalweni weZamalek. Ubebophele uSiyabonga Sangweni noHappy Jele, ezinhlangothini kukhona uPatrick Phungwayo noThabo Matlaba.

“Akufanele sikhombe abantu ngeminwe. Kube yiphutha lethu sonke. Sizobuyela emuva siyowalungisa amaphutha.”

Ngemuva komdlalo we-Aces, iPirates izovakashela iPolokwane City ePeter Mokaba Stadium koweligi ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku. Lo mdlalo uzobe usulandelwa owomlenze wokuqala we-semi final ne-Al Ahly (okuleli) eyabashaya kowamanqamu weCaf Champion League ngo-2013.

“Kuyofanele senze isiqiniseko sokuthi kasibavumeli bashaye igoli ngakithina uma sesidlala nabo lapha ekhaya emlenzeni wokuqala. Kuzoba ngumdlalo onzima wona,” kusho uTinkler.