Izindaba

Ubufakazi bowahlola isidumbu sikaHabedi

Karishma Dipa|Published

Randburg Magistrate's court. Sindiswe Manqele is accused of murdering the hip-hop star Nkululeko "Flaba" Habedi in his home in March of this year. Picture: Bhekikhaya Mabaso Randburg Magistrate's court. Sindiswe Manqele is accused of murdering the hip-hop star Nkululeko "Flaba" Habedi in his home in March of this year. Picture: Bhekikhaya Mabaso

KARISHMA DIPA

UMREPHA uNkululeko “Flabba Habedi wayeyijaha intombi yakhe ngesikhathi besekamelweni futhi eyishaya ephethe ummese yona izama nokumdudula.

Ngemuva kwesikhashana ummese wagcina usuphethwe yintombi yakhe, yamgwaza inxeba elilodwa washona ngoba izama ukuzivikela.

Lokhu kuvele enkantolo izolo ngesikhathi ummangalelwa uNksz Sindisiwe Manqele, ekhulunyelwa wummeli wakhe uMnuz Norman Makhubela.

UNksz Manqele uyaliphika icala ngoba uthi wayezivikela esigamekweni esenzeka ekuseni ngoMashi 9 nonyaka kubo kaHabedi e-Alexandra, eGoli.

Kodwa izolo, uThandi Mahuluhulu onguchwepheshe kwezokucwaningwa kwezidumbu utshele inkantolo ukuthi uzokuqaphelisisa okushiwo wuNksz Manqele.

Ukuqinisekisile ukuthi uHabedi wabulawa yingxeba lokugwazwa esifubeni eduze kwenhliziyo.

Uthe leli nxeba likamufi lahlatshwa kusetshenziswa amandla njengoba lisuka kwesokunxele liya ngakwesokudla esifubeni.

UMahuluhulu uthe ngaphandle kwaleli nxeba ikhona eminye imihuzuko ayibona esidunjini sikaHabedi yize izimbambo zakhe zazilimele.

Kodwa abameli bomsolwa bathi ukusondela kukamufi eduze kommese yikhona okwenza leli nxeba libe banzi.

UMahuluhulu uthe okushiwo uNksz Manqele ngokwenzeka “kungaba yikho’’ kodwa kusengaphenywa ngaleli nxeba. Utshele inkantolo ukuthi uNksz Manqele walimala ngesiswini, ephakamisa nokuthi walimala ngesikhathi bebanga ummese nomufi.

UMahuluhulu ukuvumile ukuba bukhali bommese ukuthi yikhona okwenza uNksz Manqele abe nemihuzuko esiswini sakhe.

UMakhubela ugcizelele ukuthi uNksz Manqele walimala kancane ngasengalweni okwenzeka ngesikhathi umufi embamba ngesidlozana ekamelweni emnqabela ukuthi ahambe.

UMahuluhulu uthe ngokujwayelekile amanyela ayabonakala uma umuntu eshayiwe.

UMakhubela uthe uNksz Manqele waphinde walimala nasesihlakaleni, ngesikhathi bexabana nomufi.

NgoLwesithathu, umngani kamufi uMnuz Nkululeko Chauke watshela inkantolo ukuthi lezi zithandani zazihilizisana endaweni yobumnandi iThe Sands ngobusuku okwashona ngalo umufi. Utshele inkantolo ukuthi uNksz Manqele wayenesikhwele ngoba ecabanga ukuthi umufi udlalisa ezinye izintombi okubalwa nowayeyintombi yakhe.

Abameli bathi umufi wayenesi-khwele wahlasela uNksz Manqele ngoba embone ekhuluma nenye indoda kuyona le ndawo yobumnandi.