UMBHALI: Ngqeshe Buthelezi
IMOTO: Citroen Cactus
N GIBONGA angiqedi ukuthi sigcine sifikile isikhathi sokuba ngihlukane neCitroen Cactus ngoba bese ngikhathele abanye abashayeli bezimoto emgwaqweni abadidwa amapheshi anguplastiki asezinhlangothini kuyo abebengagcini nje ngokungibuza ngawo kodwa kokunye abanye bebeshayela eduze kakhulu nami befuna ukuwabona.
Namanje ngisazibuza ukuthi ngempela kwaCitroen yini abebeyicabanga ngesikhathi beqhamuka nalesi sitayela esingandile.
Nami angifuni ukuqamba amanga kodwa ngesikhathi ngithola le moto ngike ngaqala ngadideka ukuthi sekwenzenjani manje ngaze ngawathinta lamapheshi ngifuna ukuzizwela.
Uma ungayazi le nto engikhuluma ngayo, ithi ayifane noplastiki osetshenziswa ukwakha izikhwama ezakhelwe amaselula ukuwavikela ukuthi angalimali uma ewa.
Okuhle ngalama pheshi ukuthi ayayivikela imoto ukuthi ingabi nayo imihuzuko ejwayele ukutholakala ezindaweni eziyizinxanxathela zezitolo ngenxa yabantu abasuke bevula ngamandla izicabha. Ngokwami ukubona ngabe kungcono ukuthi umnikazi wemoto uyakwazi ukuwakhipha lamapheshi uma ethanda abuye awabuyisele. Ngeke siye nganxanye singemanzi, ngiyacabanga ukuthi bakhona ababona okuhlukile kunami okungenzeka ukuthi bayawathanda.
Ngaphambili iCactus impumpununu nje kodwa iyabukeka ngamalambu ayo angene agamanxa kwibhonethi yase igqiza ngombala omnyama ngaphansi. Ukhakhayi lwakhona luphuma nama-roof rails asiza uma uzolayisha impahla.
Angilikhulume nje linjalo iqiniso ukuthi ngaphezu kwazo zonke lezi zinto kodwa iCactus imoto esesitayeleni kodwa ziyakhalisa izihlalo zayo ngemuva ngendlela ezisondelene ngayo okwenza ingabi naso isikhala ngendlela.
Okunye engikuqaphelile ngayo ngaphakathi ukuthi uma ungumthwazilothwishi wensizwa uthwala kanzima ngoba ayikho indawo eyanele ongakwazi ukulula kuyo izinyawo.
Into engiyikhipha phambili ngayo isikhala sebhuthi esingu-358 litres okuthi uma izihlalo zangemuva zilalisiwe isikhala sande kakhulu sifinyelele ku-1 170 litres.
Kulabo abasazibuza beziphendula ukuthi ngempela uhlobo luni lwemoto lolu iCactus, nansi impendulo. Ithathelwe kakhulu ezimotweni zakwabo njengeCitrone C3 kanjalo nePeugeot 208. Injini yakhona ingu-1.2 litres turbo kodwa engikuqaphelile ukuthi uma uphethroli usuya ngomtsha wendoda, iyaphuza ukukhombisa ngokunyusa uthi uma usuyigcwalisile.
Injini yakhona ikhiqiza amandla afinyelela ku-81kW ne-torque engu-205Nm. Indlela eyonga ngayo uphethroli ingihlabe umxhwele uma ubheka ukuthi iyimoto evulekile iCactus. Emgwaqweni ungaze ufise uvolo wokuvala izindlebe ngoba injini yayo inomsindo ongabekezeleki. Zonke izinto bazibeke obala futhi inakho konke okudingayo emotweni njengesiteringi esiphuma namabhathini okulawula izinto ezithile njengomsakazo, ama-airbag ayisithupha, iscreen ngaphambili, cruise control, amabhuleki ahambisana ne-ABS ne-stability control. Iphuma ne-warranty yeminyaka emithathu emuva kuka-100 000km kanye ne-service plan yeminyaka emihlanu emuva kuka-100 000km
INANI.
Ibiza phakathi kuka-R224 900
no-R284 900