Izindaba

Ayiyena unaminginaye i-Audi Q3

Ngqeshe Buthelezi|Published

NGQESHE BUTHELEZI

Imoto: Audi Q3

AKULONA uhlobo lwemoto olungunaminginaye i-Audi Q3 ngoba ihluke kakhulu kwezinye izimoto ezisesigabeni sayo. Akulona uhlobo lwemoto olungenisile eningini legenge yakithi ngoba aliyithathi njengemoto edlisayo kodwa iqiniso lithi iQ3 yimoto esezingeni eliphezulu futhi yesikhathi samanje.

Akungithusanga ezinyangeni ezedlule ukuzwa ukuthi izotheleka eNingizimu Afrika i-Q3 entsha, ngoba nakuba ingadumile ngaleyo ndlela kodwa inabantu bayo bezinga elithile.

I-Q3 yokuqala yethulwa ngasekuqaleni kuka-2012 kodwa noma usaqhamuka ngaleyo isabadida abaningi.

Emuva kwezinsukwana ngihamba ngayo baningi engisondelene nabo abahluleka wukuzibamba ngenxa yobuhle namandla ayo.

Yinto engihlale ngiyisho njalo ukuthi i-Q3 akuyona nje imoto kanoma wubani futhi lokhu kufakazelwa nayizibalo zokuthengwa kwayo. Angiboni ukuthi ukwethulwa kwalolu hlobo olusha lwe-Q3 kukhona okuningi okuzokushintsha ikakhulukazi ngasezibalweni zokuthengwa kwayo ngoba lena yimoto enabantu bayo abayithengayo abasezingeni elithile lempilo njengoba ngike ngakuveza lokho.

Into ehlukile abayenzile kwa-Audi kube ukwethula injini entsha engu-1.4 litres esesigabeni esiphansi.

Kule njini ungakwazi ukukhetha phakathi kweshintshwayo edonsa ngamagiya ayisithupha noma edonsa ngayisikhombisa engumshini ozishintshayo i-S tronic transmission. Zombili lezi zinhlobo zidonsa ngamasondo angaphambili.

Le Q3 yimoto yokuqala yakwa-Audi eyakhiwe ngendlela ehambisana nohlelo olusha lwabo olubizwa nge-Q Design okuyindlela izimoto zabo esezizobukeka ngayo esikhathini esizayo.

USHINTSHO LUYABONAKALA

Okunye abakushintshile obhampa namalambu angaphambili.

Ingemuva layo seliphuma nobhampa abasha baphinde bayishintsha nendlela i-tail gate ebukeka ngayo ngemuva. Amalambu e-LED ungakwazi ukuzikhethela wona.

Bengilindele ukuthi lonke uhlobo lwe-Q3 luzophuma nala malambu kodwa kuyethusa ukuthi abantu kuzomele bengeze imali ngaphezulu uma bewafuna.

Isisindo se-Q3 esesigabeni esiphansi singu-1385 kodwa zikhona nezinye izinto ezingazange zishintshe ebezikhona kwendala abaqhubeke nazo.

Ubude bayo wu-4.39 metres, ukuya phezulu wu-1.59 metres.

Njengomuntu oyazi kahle i-Q3 nginolwazi olubambekayo ngesikhala esingudedangendlale okuhle futhi wukuthi isikhala siyakwazi ukwanda uma ulalise izihlalo.

Kwesesigabeni esiphansi isikhala sokubeka impahla ngemuva singu-460 litres kodwa uma izihlalo zilalisiwe isikhala siyanda kakhulu sibe ngu-1 365 litres.

Izinsimbi okhakhayini ziphuma nayo imoto. Kithina ndlemnyama lezi zinsimbi zengeza ubuhle emotweni kanti kwabebala bazisebenzisela ukuthwala impahla.

Izinjini ze-TFSI ne-TDI zidle ngamandla. Injini entsha engu-1.4 litres isebenzisa uphetroli kanti ikhiqiza amandla afinyelela ku-110kW ne-torque engu-250Nm.

Enye injini esebenzisa uphethroli ingu-2.0 litres T ekhiqiza amandla afinyelela ku 132kW ne-torque engu 320Nm.

Kulezo ezidonsa ngodizili kukhona i2.0 litres TDI ekhiqiza amandla afinyelela ku-135kW ne-torque engu-380Nm. Lapha eMzansi le moto kubhekwe ukuthi yethulwe ngokusemthethweni ngenyanga ezayo.

AMANANI

Audi Q3 1.4 TFSI 110kW manual R402 500

Audi Q3 1.4T FSI 110kW S tronic R419 500

Audi Q3 2.0T FSI 132kW quattro Stronic R499 00

Audi Q3 2.0 TDI 135 kW quattro S tronic R515 000

Audi RSQ3 2.5T FSI 250kW quattro S tronic R769 500