Ngqeshe Buthelezi
IMOTO: Honda HRV
Z YANDA izimoto ezisesigabeni esibizwa ngeCrossover eNingizimu Afrika. Ngeke uzichaze izimoto ezikulesi sigaba ukuthi ziwuhloboluni. IHonda HR-V esanda kwethulwa izoyishintsha indlela amaCrossover abukwa ngayo. Akuyona imoto entsha le. Ike yadayiswa eMzansi phakathi kuka-2002 no-2004 kodwa kwakunesibalo esithile kuphela sazo okwenza yangaduma. Okunye okwayenza yangaduma wukuthi yabe iyisindandanda. IHR-V entsha ifika nje seyike yakhonjiswa kwiGeneva Motor Show. Ngeke udideke nakancane ngayo ngoba iyazisho ukuthi iphuma emndenini wakwaHonda, lokhu kubonakala ngaphakathi ku-dashboard. Imbangi yayo yiNissan Qashqai kodwa mina ngiyibona iyishiya iQashqai ngobuhle, ezokuphepha, nangesitayela.
SIKHULU ISIKHALA SE HR-V
Indlela imoto ebukeka ngayo ayithi shu uma ingeke ikunike konke okudingayo kusuka enjinini, isikhala ngaphakathi kanjalo nendawo yokulayisha impahla. Angazi noma indlela engibuka ngayo izinto ihambisana neminyaka yami yini kodwa njengomuntu onomndeni, kimina ukuvuleka kwemoto kusho lukhulu. Ngaphambili igrille ezishaya u-V yenzA iHonda HR-V ithi ukugoloza. Ingemuva layo balixine ngamalambu okwazi nokuwabona uza kude okungenye yezinto ezihambisana nezokuphepha. Ama-roof rails okhakhayini engeza ubuhle nakuba esiza kakhulu uma uzolayisha impahla. Bheka nje ngoba isikhala somthwalo okhakhayini silinganiselwa ku-1456. Akukho nokuncane okungikhalisile ngengaphakathI layo ngoba livulekile. Uhlobo lwezihlalo abangenise ngazo kwaHonda ezibizwa ngama-magic seat ziyatholakala kwiHR-V, futhi abazaziyo izimoto bazokwazi nokuthi yizona zihlalo ezikwiHonda Jazz neCivic. Uma izihlalo zimile isikhala sempahla siba ngu-393 litres kodwa uma zilalisiwe siyanda sifinyelele ku-1002. Noma ngaphambili ku-dashboard inesikhumba nengxenye yeplastiki kodwa ngiyayincoma indlela abayihlanganise ngayo, uzwa ngoba usuyithinta ukuthi kukhona nengxenye enguplastiki.
UBUKHOSI BEMOTO
Izinto eziningi zisebenza ngogesi njengamawindi, izibuko, iphuma ne-remote central locking, air-conditioning, cruise control bese uvala kuba isiteringi esiphethe yonke into. Phambili idlisa nge-screen esihlukene ngosayizi kuye ngokuthi wuhlobo luni kodwa zonke ziyayixhuma iBluetooth, noma iselula yakho, USB.
Amabhuleki ayo asebenza ngogesi okuthi uma imoto uyicisha bese ibhuleki liyazibopha ngaphandle kokuzabalaza ulibamba. Uma isibophile kubonakala kalula ngoba inelambu elikhanyayo elikulona ibhuleki eliphakathi nendawo. KwaHonda bayaziwa ngokungawathathi amashansi kwezokuphepha njengoba i-HR-V iphuma nama-airbag ayisithupha, izindawo zokuncikisa ikhanda ukugwema ukulala emotweni kanye nazo zonke izihlalo ngemuva nangaphambili ziphuma namabhande. Iqhubeka ekhasini 5.