MTHOKOZISI MANQELE
UMKHIQIZO kakotini olinywa emasimini aseMakhathini Flats eJozini usizofana nethemba lokuxosha indlala nokusimama kosomabhizinisi abangabalimi abaningi baseMkhanyakude. Isekela likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya nezoMhlaba, uMnuz Mcebisi Skwatsha, ligqugquzele abalimi bakakotini lathi ababuyele emhlabathini ngoba umshini kakotini oseMakhathini usudinga umthamo omkhulu wamasaka kakotini. Wengeze ngokuthi bewuhulumeni banikela ngo-R11.5 million ukuze kusimame leli bhizinisi.
USkwatsha ukusho lokhu ngoLwesihlanu ehambisana noNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal uMnuz Cyril Xaba emcimbini weFamers Day obusemasimini aseMakhathini Flats eJozini. “Sinqume ukubeka u-R500 million wokuxhasa ezolimo ezifundeni ezingu-10 zaKwaZulu-Natal ngoba sinenkolelo yokuthi ezolimo ziwumgogodla wokulwa nobubha.
“Sifuna abamnyama babe namapulazi baphinde babe ngosomabhizinisi kwezolimo bangalokhu besebenzela abelungu emapulazini. Silungisa iphutha elenziwa uhulumeni wobandlululo owaphuca abantu umhlaba babulawa wububha nokungaqasheki,” kusho uSkwatsha obemele uNgqongqoshe walo Mnyango uMnuz Gugile Nkwinti athe uyagula. UNgqongqoshe wezoLimo uMnuz Xaba uthe indawo yaseMakhathini iyindawo enengcebo emkhakheni wezolimo KwaZulu-Natal. Uthe iyindawo ebalwe njengedinga ukuthuthukiswa ngokomgomo weNational Development Plan.
“Sifuna ukushintsha indawo yaseMakhathini ibe yisifunda esikhulu sezolimo yonke imikhiqizo evunwa lapha ithole imakethe. Le ndawo ilekelelwa yinkampani uMjindi ngamanzi okuchelela. Le nkampani ingeyesibili kwezinkulu eNingizimu Afrika,” kusho uXaba.
“Ngesikhathi abalimi bakakotini benenkinga yokungabi nomshini sabathengela ngo-R30 million saphinde sawulungisa ngo-R20 million. Siyaninxusa balimi bakakotini thathani nali ithuba ningaliyeki thina sizonixhasa. Ukotini yisitshalo esivuma noma kunesomiso nasendaweni ewugwadule,” kusho uXaba enanelwa yihlombe. Kuthiwa umshini kakotini okwamanje ukhiqiza amasaka angu-700. Lokhu akwenele ngoba wenza imali encane.
Kunxenxwa abalimi ukuba bayolima ukuze umshini wenze imali eningi uma usukhiqiza u-2 500 wamasaka. USihlalo womfelandawonye wezinhlangano eziwu-32 zabalimi Ubongwa, uMnuz Moses Mhlongo, uthe bajabule ngokuxhaswa.
“Besinezinselelo eziningi singazi ukuthi uma sesivune ukotini wethu sizowusa kuphi. Abaningi bagcine sebeyeka. Ukotini unemali. Isaka lilinye kumele lishaye isisindo sika-200kg.
Lelo saka liwu-R1 000, uma unamasaka angu 100 usuke sewazi ukuthi usunemali enkulu,” kusho uMhlongo othembise ukuthi uzophuma axhumane nabalimi.
Namalungu omphakathi azwakale ekunamela lokhu ngoba abanye bebezwakala bethi kungcono ngoba “anizele ukuzothatha umhlaba wethu”.
Obekhulumela ubukhosi bakwaSqakatha ozibize ngoNhlebela, uthe inkosi yendawo ifisa lolu hlelo lubasize abendawo kungahlomuli abambalwa. Leli phephandaba lithole ngabanye abasebenzi ukuthi izimo zokusebenza azizinhle basaholelwa amakinati nabantu abaningi bayitoho kulo mshini kakotini.