Izindaba

IPajero iyinsimbi kayigobi

Ngqeshe Buthelezi|Published

Ngqeshe Buthelezi

IMOTO : Mitsubishi Pajero

K USAZOTHATHA iminyaka ukuthi kuphele ngayo inqokonqoko yakwaMitsubishi Motors South Africa, iPajero 4x4 njengoba le nkampani yamaJapan ilokhu iqhubeke njalo nokunyusa amagiya kuyo.

Uzokhumbula ukuthi ngesikhathi sikubikela ngokufika kwale Pajero entsha, sakuveza ukuthi sekusele iminyaka emibili ukuba ilanywe.

Ukulamana eduze kwamaPajero kukhombisa ukuthi kwaMitsubishi banezinhlelo zokugcina le moto emakethe.

Ngasekupheleni kuka-2014 iPajero ebivele ikhona futhi iseyinsimbi yangempela, baphinde balinyusa izinga layo kwi-Long Wheel Base kanjalo nesinqanyana iShort Wheel Base.

Ngiyaqonda ukuthi kungani kwaMitsubishi besidida ngokuthi bathi aluluningi kakhulu ushintsho kwiPajero yakamuva ngoba ngokubona kwami inhloso yabo ukuthi abantu baqhubeke ngokuyithenga nalena endala. Mina ngesikhathi ngiyibona kuvele obala ukuthi sekuyimoto entsha futhi enezinto eziningi ezihlukile.

Okugqame kakhulu ingaphambili layo kwi-grille nobhampa osekwakhiwe kabusha.

Amalambu ePajero kungokokuqala ukuthi aphume ne-LED daytime running. Akugcini lapho kodwa ayakwazi ukuzidima uma imoto izohlangana nenye, aphinde abuyele esimweni sawo uma isidlulile.

IZINHLOBONHLOBO

Lokhu akuhambisani nje nesitayela kuphela kodwa okukhulu kakhulu ukuqinisekisa ukuphepha. Ihlukene ngezinhlobo ezintathu kodwa zonke zinenjini engu-3.2 litres okusho amandla okunqamula ngisho nasezindaweni ongacabangi ukuthi imoto ingahamba kuzo.

Lokhu ngikuzwe kahle ngesikhathi ngishosholoza ngayo endleleni enezinguzunga zamatshe okunzima ngisho nokunqamula kuyo ngezinyawo.

Ukuphakama kwayo kungu-235 mm okusho ukuthi inqamula kalula nasematsheni kodwa kudingeka uyincenge kancane kube yiyo elawula indlela, okwakho nje kuba ukuqondisa isiteringi.

Inamagiya ahlukene kusukela kwi-All Wheel Drive, Low Range bese iba ne-Diff Lock esiza kakhulu uma imoto inqamula imimango nezintaba.

Konke lokhu kwenzeka kalula ngokusizwa ugqinsi lwamasondo angu-18 inch.

Uma uzonqamula ngayo ezintabeni nasemgwaqweni onamatshe kumele uwehlise kancane umoya emasondweni ukuze ingeke izwele kalula uma ishaya amatshe futhi lokho kuyinika namandla.

Emgwaqweni ovulekile nakhona yenza okufanayo ngoba inamandla, iyabambelela bese ishibilika njengemoto encane.

Ngiyibone iziphethe kahle kuphethroli ngoba ngebanga lika-100km idla amalitha angu-9.6 kuya ku-9.7.

Ingaphambili layo ku-dashboard liqoqekile kwase kuba khona ne-touchscreen esiphethe konke ngemoto. Enye into ekhona i-USB ne-Aux Support ongakwazi ukuxhuma kuyo nezinye izinto ezihlukene.

Umsakazo wakhona udlala ama-CD, iphuma ne-Cruise Control, Automatic Climate Control kanjalo ne-Bluetooth.

IPajero iphuma ne-warranty yeminyaka emithathu emuva kuka-100 000km ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu emuva kuka-100 000km.

AMANANI

Pajero 3.2 DI-D GLS SWB R569 900

Pajero 3.2 DI-D GLS LWB R639 900

Pajero 3.2 DI-D GLS LWB Exceed R659 900