NGQESHE BUTHELEZI
IMOTO: V W Polo GTi
A BANTU kumele bazifundise ukuthi akuphangwa umdaka sengathi linile ezimotweni ngoba zishintshashintsha kuhle kwesimo sezulu olala liguqubele uthi uqambe uvuka selikhipha umkhovu etsheni.
Okunye abantu okumele bazifundise khona ukulandela nokuthola lonke ulwazi ngezimoto abasuke bezozithenga, ungathengi imoto namuhla kanti ezinyangeni eziyisithupha kuzongena enye.
Lokhu ngikusho ngoba baningi abantu abahamba ngamaPolo okumanje izinhliziyo zingaphandle sebefuna ukushintshela kwiPolo GTI kodwa babetshelwe kahle ukuthi i-GTI izofika emuva kwezinyanga ezingu 10 kwethulwe iPolo ejwayelekile.
KwaVolkswagen baye ngawo amagama enkehli ngokwethula i- GTi okuyisithembiso abasenza ngoJuni 2014.
KwaVW baqhamuke nenjini engu-1.8 litre ekhiqiza amandla afinyelela ku-141kW.
Uma uyazi iPolo GTi uzoqaphela ukuthi amandla enjini asethe thuthu ngo-9kW esuka ku-132kW njengoba le njini entsha ivale isikhala se-1.4 TSI. Okunye okuhle ngePolo GTi wukuthi kuno-gearbox oyiDSG odonsa ngamagiya ayisikhombisa azishintshayo nedonsa ngamagiya ayisithupha eshintshwayo kodwa ezotholakala emuva kukaJuni. Eshintshwayo ikhiqiza amandla afinyelela ku-320Nm, kodwa kwaVW babona ukuthi iningi labathengi bale moto lizophephela kakhulu kweyi-DSG.
AKUYONA NJE IPOLO EJWAYELEKILE
Ngaphambi kokuthi kwaVW bakucacise ukuthi le Polo GTi akuyona nje iPolo ejwayelekile kodwa yiGTi enjengeGolf GTi, mina nozakwethu bese sikuphawulile lokho ngoba uma uyibona kuyacaca nje ukuthi iyiPolo ekwelinye izinga. Obhampa bakhona bakhiwe ngendlela entsha, amasondo eGTi kanjalo nokugqiza nge-stripe esibomvu kwi-radiator grille nasemalambini ngaphambili. Amalambu akhona ayenza ihluke kakhulu kwiPolo GTi endala. Zonke izinhlobo zePolo GTi ziphuma ne-sport suspension. Lokhu kuqapheleka kakhulu ngoba seyithe ukubhasha ngo-15 mm. Uhlobo lwamalambu oluyiLED ungaluthola ngokwengeza imali.
Ngemuva iyazichaza ukuthi iyiGTi. Lokho kubonakala kahle nge-roof spoiler nezinqawe ezimbili zamapayipi ezizamula kuzwakale ohlangothini lwangakwesokunxele lwemoto. Iyadlisa imibala yayo eyisithupha okukhona kuyo uPure White, Flash Red and Black, Reflex Silver, Deep Black noBlue Silk. Ubuhle bale Polo GTi bubonakala kahle uma ibomvu tebhu noma imhlophe qwa.
Ungancoma kuze kushone ilanga kodwa imfihlo yePolo GTi isenjinini. Ngihambisana ngokugcwele nezikalo zakwaVW zokuthi ngemizuzwana engu-6.7 iyakwazi ukureva isuka ku-0 igxumele ku-100km/h futhi konke lokho akuyenzi ibe mandla kuphethroli ngoba iDSG idla phakathi kuka-5.9 no-6.2 wamalitha ebangeni eliwu-100km. Injini ye Polo GTi ingu-4 cylinder 1.8 kodwa kuseyiyona le abayisebenzisa kwi-Golf GTi umehluko ukuthi kwiGolf iba wu-2.0 litre
BASEHLISILE ISISINDO SAYO
Basehlisile isisindo senjini ngezinto eziningi kusuka kwi-crankcase, cankshaft kwase kusetshenziswa nama-screws ayi aluminium okwenze isisindo sehla ngo-5.4 kg. Lokhu kuhambisana nokonga uphethroli nokubambelela emgwaqweni. Noma ungeke ulishaye lonke ijubane layo eligcina ku-236km/h kodwa kulula ukufinyelela ku-200km/h ngaphandle kovalo ngoba iyaqaqeka futhi iyabambelela emgwaqweni iDSG edonsa ngamagiya ayisikhombisa.
IPolo GTI iphuma neService Plan yeminyaka emithathu noma ephela emuva kuka-45 000km. Ihambisana ne-warranty yeminyaka emithathu noma ephela emuva kuka-120 000km. I-service kumele yenziwe njalo emuva kokuhamba u-15 000km.
INANI
I-1.8 TSI 141 kW GTI DSG ibiza u-R326 400.