ngqeshe buthelezi
IMOTO: Infiniti QX80
A NGAZI sekukangaki ephephandabeni lethu Isolezwe sibhala ngabantu abaqolwa izigidi zemali yabo yempesheni yizinyanga mbumbulu ezisuke zibathembise ukuthi bazophenduka izinjinga bayithole isiphindaphindiwe. Okubuhlungu ukuthi abanye balaba bantu bathatha impesheni singakashayi ngisho nesikhathi sabo sokushiya emsebenzini ngoba nakhu nje sebejahe ukuba “osozigidi”. Lo mcabango ungifikele ngesikhathi kwa-Infiniti bethula ingqovungqovu yengangamela yemoto yabo engangebhasi i-Infiniti QX80 ebiza uR1. 2 million.
Mhlawumbe izinkampani zezimoto zingadla kahle uma zingase zisondele kakhulu kulaba bantu “abangothathekile” zibanunusele ngalezi zimoto zezigidi kunokuthi zicwile ezinyangeni mbumbulu.
Okuhle ukuthi uma bengachitha imali yabo bethenga lezi zinhlobo zezimoto ezimba eqolo, bangakwazi ukuthi umuntu uma esebona eseshodelwa ephaketheni ayibuyisele emuva kunokuthi alahlekelwe yikho konke anakho ngoba nje ejahe ukuceba.
I-Infiniti QX80 incintisana nezinye izingadlangadla esigabeni esibizwa nge-F segment lapho kukhona iMercedes GL , Lexus LX570 ne-Toyota Prado (kodwa yona engaphansi kakhulu ngenani). Kuzona zonke lezi zimoto okungathi zisesigabeni sayo i-Infiniti QX ivele ibonakale izigwinya zonke ngoba akubuzwa ukuthi lena inkunzimalanga yemoto.
Uzokhumbula ukuthi i-infiniti inkampani entsha eNingizimu Afrika kodwa enobudlelwano neNissan okusho ukuthi izimoto zabo zinomlando omude. I-QX80 ifika kuleli nje isizakhele udumo e-USA nakoMiddle East okuyizwe elidume ngensada kaphethroli.
Le ngqovungqovu okungabuzwa ukuthi eyomntakabani iphuma nenjini engu-5.6 litre V8 okungabuzwa ukuthi iyazenzela kuphethroli. Omunye uzakwethu esike sadlana naye indlebe ngale moto ukusho ngokungahlonizi ukuthi uma ukwazi ukuthenga i-QX80 ngeke uze ukhale ngophethroli ngoba lokho kufana “namanzi amancane”.
Ikhiqiza amandla afinyelela ku-298kW kanye ne-torque engu-560Nm, lokhu nje kukodwa kuxoxa indaba ngamandla atholakala kule moto.
Okwamanje itholakala ngohlobo olulodwa ngaphakathi okuyisikhumba esimnyama. Ngicabanga ukuthi lapho bekukuningi ababengakwenza ngoba isikhumba esimnyama sijwayelekile nje ezimotweni kodwa uma usukhokha ngaphezu kwesigidi usulindele okungaphezulu.
U-gearbox wakhona udonsa ngamagiya ayisikhombisa. Ngebanga elisemthethweni ikwazi ukusuka ku-0 ifinyelele ku-100km/h ngemizuzwana engu-7.5. Ijubane layo eliphezulu ligcina ku-210km/h. Engikuqaphelile ukuthi kulula kakhulu ukufinyelela kuleli jubane ngoba imakwabo le ayizwakali emgwaqweni.
Noma umuntu engazange ayizwe kahle hle emigwaqweni eyizintaba ewugwadule kodwa isikhashana esincane engiyifake ngaso kuzo ngiyizwile ukuthi alukho uhlobo lwendlela engeke yakwazi ukubhekana nalo.
Ngingabeka phansi usuka wami wokugcina epheketheni akekho noyedwa umuntu ozochitha imali engaphezu kwesigidini ngemoto azoyithatha ayifake ematsheni ngoba efuna ukuzwa ukuthi inamandla kangakanani.
Imoto yasezintabeni ngempela ngoba iwushiyile umhlaba ngo-233 mm kanti idonsa ngawo wonke amasondo. Ngeke uzisole nakancane ngokukhokha lesi sizumbulu semali nge-QX80 ngoba ziningi izinto ephuma nazo njengezihlalo ezisebenza ngogesi, Active Cruise Control, amathayi angu-22 inch nesipele esingu-20 inch. Phambili iphuma ne-screen osithinta kancane nje kushintshe izinto.
Abahleli ngemuva bayakwazi ukubuka ama-DVD ngesikhathi imoto ihamba.
Njengazo zonke izimoto zakwa-Infiniti nayo iQX80 iphuma ne-warranty yeminyaka emithathu emuva kuka-100 000km kanye ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu emuva kuka-100 000km