Izindaba

Uzofisa ukulahla onayo ngePolo GTi

Ngqeshe Buthelezi|Published

Ngqeshe Buthelezi

IMOTO: V W Polo GTi

S EKUYE ngawo amagama enkehli ngokufika kwePolo GTi okuyisithembiso esenziwa abakwaVolkswagen ngesikhathi bethula iPolo entsha ngoJuni ngonyaka odlule eMpumalanga. Ngaleso sikhathi KwaVW bazibophezela ngokuthi nakanjani kwephezulu ngo-2015 luzotheleka ubhememe lweGTi. Kube njaloke lwatheleka ngezinkani.

Angiqondile ukuqeda ukuzithemba kubantu abahamba ngePolo entsha ejwayelekile engu-1.2 litre TSi kodwa uma bengathola ithuba lokuvivinya i-GTi angingabazi ukuthi bangazidela amathambo bangene ezindlekweni bayithenge. Uzozibuza uziphendule ukuthi yini lena engaka engase yenze ushintshe kule Polo onayo noma uthenge i-GTi.

KwaVW baqhamuke nenjini engu-1.8 litre ekhiqiza amandla afinyelela ku-141kW.

Uma uyazi iPolo GTi uzoqaphela ukuthi amandla enjini asethe thuthu ngo-9kW esuka ku-132kW njengoba le njini entsha ivale isikhala se-1.4 TSI. Okunye okuhle ngePolo GTi ukuthi kuno-gearbox oyiDSG odonsa ngamagiya ayisikhombisa azishintshayo nedonsa ngamagiya ayisithupha eshintshwayo kodwa ezotholakala emuva kukaJuni. Eshintshwayo ikhiqiza amandla afinyelela ku-320Nm, kodwa kwaVW babona ukuthi iningi labathengi bale moto lizophephela kakhulu kweyi-DSG.

Ngaphambi kokuthi kwaVW bakucacise ukuthi le Polo GTi akuyona nje iPolo ejwayelekile kodwa yiGTi enjengeGolf GTi, mina nozakwethu bese sikuphawulile lokho ngoba uma uyibona kuyacaca nje ukuthi iyiPolo ekwelinye izinga. Obhampa bakhona bakhiwe ngendlela entsha, amasondo eGTi kanjalo nokugqiza nge-stripe esibomvu kwi-radiator grille nasemalambini ngaphambili. Amalambu akhona ayenza ihluke kakhulu kwiPolo GTi endala. Zonke izinhlobo zePolo GTi ziphuma ne-sport suspension. Lokhu kuqapheleka kakhulu ngoba seyithe ukubhasha ngo-15 mm. Uhlobo lwamalambu oluyiLED ungaluthola ngokwengeza imali.

Ngemuva iyazichaza ukuthi iyiGTi. Lokho kubonakala kahle nge-roof spoiler nezinqawe ezimbili zamapayipi ezizamula kuzwakale ohlangothini lwangakwesokunxele lwemoto.

Iyadlisa imibala yayo eyisithupha okukhona kuyo uPure White, Flash Red and Black, Reflex Silver, Deep Black noBlue Silk. Ubuhle bale Polo GTi bubonakala kahle uma ibomvu tebhu noma imhlophe qwa. Ungancoma kuze kushone ilanga kodwa imfihlo yePolo GTi isenjinini.

Ngihambisana ngokugcwele nezikalo zakwaVW zokuthi ngemizuzwana engu 6.7 iyakwazi ukureva isuka ku-0 igxumele ku-100km/h futhi konke lokho akuyenzi ibe mandla kuphethroli ngoba iDSG idla phakathi kuka 5.9 no 6.2 wamalitha ebangeni eliwu-100km. Injini ye Polo GTi ingu-4 cylinder 1.8 kodwa kuseyiyona le abayisebenzisa kwi-Golf GTi umehluko ukuthi kwiGolf iba wu 2.0 litre

Basehlisile isisindo senjini ngezinto eziningi kusuka kwi-crankcase, cankshaft kwase kusetshenziswa nama-screws ayi aluminium okwenze isisindo sehla ngo-5.4 kg. Lokhu kuhambisana nokonga uphethroli nokubambelela emgwaqweni. Noma ungeke ulishaye lonke ijubane layo eligcina ku-236km/h kodwa kulula ukufinyelela ku-200km/h ngaphandle kovalo ngoba iyaqaqeka futhi iyabambelela emgwaqweni iDSG edonsa ngamagiya ayisikhombisa.

IPolo GTI iphuma neService Plan yeminyaka emithathu noma ephela emuva kuka-45 000km. Ihambisana ne-warranty yeminyaka emithathu noma ephela emuva kuka-120 000km. I-service kumele yenziwe njalo emuva kuka-15 000km.

I-1.8 TSI 141 kW GTI DSG ibiza u-R326 400.