Izindaba

KwaToyota abaphoxanga ngeQuest

Ngqeshe Buthelezi|Published

IMOTO: Toyota Quest

NGIZIBONELE futhi ngazizwela lokhu obekushiwo inkampani yakwaToyota ukuthi bebengagcini icala ngokwakha iCorolla Quest. Nasekuqaleni ngakusho ukuthi labo abahamba nge-Quest akumele bazinyeze ngoba nakhu ithathwa njengomthobanhliziyo kulabo abangakwazi ukuthenga iCorolla.

Kubantu abaningi esengikhulume nabo muva nje ngiyabezwa ukuthi sebeqala ukushintsha kulokhu abebeyibuka ngayo iQuest ngoba bekudume ukuthi iCorolla “ebandayo”

Yinto ebalulekile ukuthi zonke izinhlobo zeQuest ziphuma ne-immobiliser, alarm, remote central locking, ama-airbag ngaphambili ne-airconditioner.

Ngesikhathi ngihamba ngayo ngikuqaphele kuyabonakala ukuthi ishintshile ngaphandle kodwa uma usuhambe ngayo isikhathi eside futhi uwazi umlando weCorolla uzobona ukuthi okuningi kuyo izinto ezintsha ezitholakala kwiCorolla entsha.

USHINTSHO KWI-QUEST

Amalambu ngaphambili bawenze kabusha kanjalo nawangemuva. Ama-indicator bawasusile ezibukweni bawanameka kuma-fenda. Igrille ebigqize ngombala ompunga bawushintshile njengoba manje usumnyama.

Igrille nendlela enamekwe ngayo inumber plate iyafana nakwiCorolla. Zikhona ezinye izinto abazishiyile ukuze kwehliswe intengo yayo njengezibuko kuma-sun visor kanjalo nezihlalo zakhona ziyasho ukuthi ezemoto eshibhile.

IQuest itholakala ngezinhlobo ezintathu, kukhona esesigabeni esiphansi bese kuba khona ezinye ezimbili ezithe thuthu kancane ngezinga. Kukhona eshintshwayo nezishintshayo bese kuba khona ebizwa nge-Quest Plus etholakala kuphela ngo-gearbox oshintshwayo.

Sibe nenhlanhla yokuhamba ngeshintshwayo kodwa esesigabeni esithe ukukhula kancane ngezinga. Ngiyibone kuyimoto ekahle kubantu abasaqala ukushayela ngoba amagiya akhona azingenela kalula.

Noma kubonakala ukuthi isigubhu semoto kodwa okuhle ngayo ukuthi iqoqekile nekhala layo elicijile.

Izindaba ezinhle ukuthi iCorolla evele ikhona izoqhubeka nokwakhiwa naphezu kokuba sekukhona iQuest.

Ngesikhathi sibika okokuqala ngeQuest sakuvezela nezibalo zokuthengwa kwe-Corolla emhlabeni ngasekupheleni kukaFebhuwari okwabe kumi ku-40.72 million.

Uzokhumbula ukuthi iTazz namanje eseyinyama yabe ithathelwe kwi-Corolla yesizukulwane sesihlanu kodwa yona inezicabha ezinhlanu sekuhlanganisa nebhuthi.

ITazz yaqhubeka nokudayisa eNingizimu Afrika nakuba kwaToyota base bekumisile ukukhiqizwa kwayo kwamanye amazwe.

Umehluko phakathi kwezinhlobo ezimbili okuyi-Quest ejwayelekile kanye naleyo ebizwa nge-Plus amasondo enye iphuma ne-wheel cap enye iphume nerimu, iPlus model iphuma nezicabha ezimesha umbala wemoto nomsakazo odlala ama-CD.

KwaToyota bathi ngokwenza iCorolla Quest bebengaqondile ukuthatha kancane amakhasimende abo azothenga le moto ngoba izinto eziningi ezitholakala kwi-Corolla bakwazile ukuthi bazidlulisele nakuyo iQuest njengokufakwa kwama-indicator ezinhlangothini kuma-fenda.

ICorolla Quest inenjini eyodwa kuphela engu-1.6 litre ekhiqiza amandla afinyelela ku-90kW ne torque engu-154Nm.

Abathenga le moto bangakwazi ukukhetha phakathi kwaleyo edonsa ngamagiya ayisithupha ashintshwayo kanye nedonsa ngamagiya amane ezishintshayo.

INANI:

1.6 Quest R174 900

1.6 Quest Auto R198 900

1.6 Quest Plus R197 900