Izindaba

Usomatekisi uzibulale nomfelokazi obemala

Mthokizisi Manqele Nolungi Langa|Published

SONY DSC SONY DSC

MTHOKOZISI MANQELE

U SOMATEKISI waseJozini udinwe wukwaliwa maqede wadubula kwashona umfelokazi abethandana naye wazingqokloza ngesibhamu wafela khona lapho.

Kuthiwa uMnuz Mandlenkosi “Zintoyiya” Sibiya (51), waseBhekindoda udinwe wathelwa ngamanzi etshelwa nguNkk Thembi Gumede (50) abethandana naye ukuthi ucu alusahlangani entanyeni.

Kuthiwa bese benesikhathi eside bethandana ngoba uSibiya wathandana nomfelokazi ngo-2002 emuva kokushona komyeni wakhe ngo-1996. Lesi sehlakalo sangeSonto sishiye umphakathi wasoThobothi eJozini ubambe ongezansi.

Okhulumela amaphoyisa eziteshi zaseJozini Cluster uWarrant Officer Zwelinjani Madlopha usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa aseNgwavuma asevule icala lokubulala. Uthe basaphenya ngokuzibulala kukasomatekisi athe usebenzise isibhamu esingekho emthethweni ezibulala.

“Umdubule ngelahle lesibhamu ngoba bese sisusiwe ne-serial number. Owesifazane udutshulwe amanxeba amathathu esifubeni,” kusho uMadlopha.

Kuthiwa isidumbu sikaNkk Gumede (uMaMthiyane) sitholwe nesikaSibiya zidindilizile kwaGumede ngemuva kokuqhuma kwesibhamu kane.

Okhulumela umndeni wakwaGumede uMnuz Erick Gumede uthe uSibiya ubagilele umhlola ngale nto ayenzile.

Uthe uSibiya uqale wadubula ithange lamanzi nenkomo egcekeni yafa. Uthe ubedinwe wukuthi usetshelwe uNkk Gumede ukuthi akasathandwa.

“Bekukade kunomhlangano womndeni izingane zomfowethu ziqeda ukusitshela ukuthi azisakhululekile egcekeni ngenxa kaSibiya. Zithe zifuna ukwenza imicimbi eqondene noyise kodwa ziyaphazamiseka ngoba uSibiya ubengafuni kuphathwe igama likaGumede lapha ekhaya. Sibize unkosikazi kamfowethu sathi akamtshele ukuthi akakhe umuzi wakhe eceleni komuzi aye kuyena ngokumvakashela aphume kuleli khaya.

“UNkk Gumede usitshele ukuthi kade amtshela uSibiya ukuthi akasamthandi. Uthe eqeda ukumtshela lokho wavele wadinwa kakhulu. Kuthe ngoLwesithathu olwedlule wafika uSibiya ebusuku wadubula ithange lamanzi wadubula nenkomo yafa. Wabonwa noma asebaleka,” kusho uGumede.

Uthe wabuya uSibiya ngoLwesihlanu olwedlule esezoxolisa kuNkk Gumede ngomonakalo awudalile.

“Kuthe engibikela lokho uNkk Gumede ngakhuza ngababaza ngathi akangalinge abonisane nesigebengu akabize amaphoyisa kodwa akakwenzanga lokho baluxoxa njengezithandani udaba. Kube nephoyisa elingenelele lifuna ukubasiza bathi sebexolelene,” kusho uGumede.

Uthe akazi ukuthi kube sekushintshaphi ngoba uthole ucingo ebusuku ngeSonto sekuthiwa sebeshonile izidumbu zabo zidindilize endlini.

“Ngisola ukuthi unkosikazi kamfowethu uqhubekile nokumtshela ukuthi akasamfuni akaphume ayozakhela umuzi wakhe wabe esemdubula ngoba wayevele engafuni nokuzwa ngalolo daba uSibiya,” kucacisa uGumede.

Uthe uSibiya noNkk Gumede bese benezingane ezintathu abazithole sebethandana. Uthe ziphakathi kweminyaka engu 9 no 13. UNkk Gumede ubenezingane ezine ayezithole kuGumede umyeni wakhe osashona.

UMnuz Gumede utshele leli phephandaba ukuthi usizi kulo muzi lukhulu kakhulu ngoba akazi nokuthi uzongcwaba ngani. Uthe nezingane ezincane ezishiywe ngunina azinalutho uze azicelele ukudla kwamakhelwane ngoba akukho.