Izindaba

Sekuphinde kwaqubuka amahlubuka kwaShembe

Celani Sikhakhane|Published

UMnuz Mthakiwamakha Shembe wasekuPhakameni osesungule elakhe ibandla lamaNazaretha elizoba seMpumalanga nelizokhonza uNkulunkulu hhayi umuntu ngokusho kwakhe ukuze kubumbane amakholwa UMnuz Mthakiwamakha Shembe wasekuPhakameni osesungule elakhe ibandla lamaNazaretha elizoba seMpumalanga nelizokhonza uNkulunkulu hhayi umuntu ngokusho kwakhe ukuze kubumbane amakholwa

CELANI SIKHAKHANE

S EKUPHINDE kwaqubuka olunye uhlangothi ebandleni lamaNazaretha oluhlubuke ekuPhakameni oluzoholwa umfowabo wenkosi uVukile Shembe ethempelini laseBronkhortspruit, eMpumalanga, esizweni sakwaMahlangu.

Lolu hlangothi luholwa uMnuz Mthakiwamakha Shembe (34) oqhamuke nezinguquko ezehlukile njengoba ethi angeke zisagqokwa izigqebhezana ezinezithombe zabaholi bakwaShembe ngoba lokhu kubeka isithombe sokuthi kukhonzwa umuntu ekubeni bekhonza uNkulunkulu njengabo bonke abantu .

UShembe benenkosi uVukile bazalwa inkosi uLonda Shembe owabulawa eminyakeni edlule.

Uthe umongo waleli bandla ngesikhathi lisungulwa uMphrofethi Isaiah Shembe kwakungukukhonza uNkulunkulu okunguye owayemthumile hhayi ukukhonza yena njengomuntu.

“Ngifisa ukucacisa ukuthi angilwi namuntu noma nohlangothi oluthile lwebandla lamaNazaretha kodwa indlela esizokwenza ngayo izinto ebandleni lethu izohluka kakhulu. Okunye kuzoba ukuthi amafodo afakwa phezu kweminazaretha angeke agqokwe.

“Lokhu sikwenza ngenhloso yokudala ubumbano ebandleni ngoba abantu bagcina sebedumisa igama likaShembe esikhundleni sikaNkulunkulu okunguye owayethume uMqaliwendlela. Le nto ibingenzeki ngoba umqali waleli bandla wayengakhonzwa kodwa kwakudunyiswa uNkulunkulu owasidala sonke,” kusho uShembe.

Uthe ufuna leli bandla libumbane njengabenkolo yobuSulumane abangabheki uma befika endaweni ukuthi inkonzo iholwa yiluphi uhlangothi kodwa bangena ethempelini bakhuleke baqede bahambe. Uthe bazokhonza ngeMigqibelo balandele lonke uhlelo lwebandla futhi akekho umuntu ozokhonzwa ngaphandle kukaNkulunkulu.

Uthe uxoxile nenkosi yasekuPhakameni ngalesi sinqumo kodwa ayandanga ngamagama kunalokho imbongele.

Unobhala jikelele wasekuPhakameni uMnuz Thetha Ngiba uthe kuncane kakhulu abangakusho ngalesi sinqumo ngoba babona kuyilungelo lakhe uShembe futhi nesinqumo uzithathele yena.

“Okokuqala akalona ilungu lasekuPhakameni ngakho unegunya lokwenza noma yini ayifisayo futhi nemigomo ayibekile ithinta ibandla lakhe hhayi abasekuPhakameni, ngakho asizukusho lutho ngalokho.Ukube usebandleni lethu besingakhuluma ngezinto azenzayo kodwa kulokhu akukho esingakubeka,” kusho uNgiba.

UShembe uthe okwamanje amakholwa akakabi nawo kodwa uyakholwa ukuthi uma sebeqalile ukukhonza azoza ngokohlelo lukaNkulunkulu wathi konke kuzoqala ngemuva kukaJuni ngoba ubesabanjezelwe yizinto ezithize.

Uthe yena akazukubizwa ngeNkosi kodwa uyinceku ezokwenza umsebenzi kaNkulunkulu kuphela wokushumayela ivangeli.

“Ngiyakholwa ukuthi uJehova engikhetha ukumsebenzela angeke angilahle ngoba ngikhetha indlela yakhe. Sizohamba lapho kwahamba khona uGagane, sizokwenza njengoba enza uBhombela,” kusho uShembe.

Kumanje leli bandla selihlukene kasikhombisa. Kukhona oluholwa inkosi uNyazi lweZulu laseBuhleni, olweNkosi uVela Shembe, olwaseThembezinhle, kube olwaseGwinyezinye oluholwa uMfu Sizwe Shembe, olweNkosi uPhakama Shembe oluseGoli , olukaMfu Mpanza elisePinetown bese kuba olusha lwaseKuphileni oluzoba seMpumalanga lukaMthakiwamakha Shembe.