INTATHELI YESOLEZWE
‘I CALA uMbuso ongibeke lona alibambeki, angingabazi ukuthi ngeke ngitholwe nginecala.”
Lawa ngamazwi kaSindisiwe Manqele abhalwe encwadini efungelwe nefundelwe inkantolo izolo kade eyofaka isicelo sebheyili ngecala asolwa ngalo lokugwaza umrepha uNkululeko “Flabba” Habedi afe ngeledlule.
USindisiwe unikwe ibheyili ka-R10 000 yimantshi uMnuz Gideon Schnetler enkantolo ese-Alexandra, eGoli kanti icala lakhe lizoqhubeka ngoMeyi 13.
Ngemuva kokuthi abameli bakhe beveze umbiko kadokotela ngamanxeba atholwa enawo, imantshi ithe amanxeba akhe abukeka ebucayi kakhulu ukuthi wayengakwazi ukuzilimaza.
Ngaphambi kokunikwa ibheyili kufundwe incwadi efungelwe nguSindisiwe lapho egcizelela khona ukuthi wagwaza uFlabba ezama ukuzivikela.
Efundela uSindisiwe le ncwadi, ummeli wakhe u-Amanda Vilakazi, uthe umsolwa uyaphika ukuthi wayekuhlosile ukubulala uFlabba.
USindisiwe uthe impilo yakhe yayisengozini ngesikhathi egwaza inxeba enhliziyweni kaFlabba nokwaholela ekutheni ashone kanti akukho okutshengisa ukuthi wayehlosile ukumbulala.
“Ngiyavuma ukuthi kumele ngithathwe njengomsulwa kuze kube ngitholwa nginecala. UMbuso ungibeke icala elintekenteke, angingabazi ukuthi ngeke ngitholwe nginecala,” kusho uSindisiwe kule ncwadi.
Uqhube wathi akayona ingozi emphakathini futhi ngeke akwazi ukuxoxisana kahle nabameli bakhe uma enganikwa ibheyili.
Utshele inkantolo ukuthi angakwazi ukukhona ngokushesha ibheyili ka-R5 000 kanti uma ethola engaphezu kwalena uzosizwa wumndeni nabangani ukuyigcwalisela.
UMbuso ubusiphikisa isinqumo sebheyili esinye sezizathu obuzibeka ngukuthi uSindisiwe ubhekene necala elibucayi.
Uphinde wawuchitha umcabango wakhe wokuthi icala loMbuso lintekenteke.
“Akakabi nalo idokodo futhi akazi nokuthi kubhalweni kulo,” kusho umshushisi uPercy Ramushu.
Kuphinde kwavela ukuthi ngemuva kokushona kukaFlabba uSindisiwe wazama ukuzibulala ngokuzisika isihlakala ngebhodlela elifile nokwenze uRamushu waphakamisa iphuzu lokuthi uSindisiwe uyingozi angazibulala yena uqobo.
Uveze nokuthi umphakathi ungamenza nesilo sengubo uma ethola ibheyili.
“Umphakathi wase-Alexandra usaphatheke kabuhlungu nawo kumele ucatshangwe uma kunikwa noma kunqatshwa ibheyili,” kusho uRamushu.
Enkantolo bekukanise amaphoyisa ehlomile, kungangeni noma ubani kanti abeqaphe ngelokhozi izihlobo zikaFlabba nezikaSindisiwe kade seziphuma enkantolo.
Ngeledlule kwasuka esinamathambo ngenkathi umphakathi usho ukuzidla luhlaza izihlobo zikaSindisiwe seziphuma enkantolo.
Njengoba uSindisiwe ekhishwe ngebheyili, eminye imibandela yayo ebekwe yimantshi uSchnetler ngukuthi kufanele ayobika esiteshini samaphoyisa esiseMidrand njalo ngoLwesithathu nangoLwesihlanu phakathi kuka-6 ekuseni no-6 ntambama, azise nomphenyi uma ezophumela ngaphandle kwaseGauteng.