UNKK Dickie Ngcobo nomyeni wakhe uMnuz Thuthukani Ngcobo abashonela eNigeria sebelandelwe indodakazi yabo u-Andiswa otholakale ethoyilethi eshonile. Isithombe: SIGCINIWE UNKK Dickie Ngcobo nomyeni wakhe uMnuz Thuthukani Ngcobo abashonela eNigeria sebelandelwe indodakazi yabo u-Andiswa otholakale ethoyilethi eshonile. Isithombe: SIGCINIWE
ZANELE MSOMI
ITHOLAKALE ishonile ethoyilethi izolo ekuseni indodakazi yosomabhizinisi baseThekwini abashona kuwa ibhilidi lesonto eNigeria ngoSepthemba.
Kushaye isikhathi sokuloba kungacaci ukuthi ubulawe yini u-Andiswa Ngcobo ozalwa nguMnuz Thuthukani Ngcobo noNkk Dickie Ngcobo abangabasunguli boKuphila Wellness Centre. Abazali baka-Andiswa babesengabanye bakuleli abawu-85 abashona ebandleni likaMfu TB Joshua iSynagogue Church of All Nations (Scoan), eNigeria. Izidumbu zabo zabuyiswa emuva kwezinyanga ezimbili sekungenelele uhulumeni wakuleli bangcwatshwa ngoNovemba.
Kuthiwa isidumbu sika-Andiswa oneminyaka elinganiselwa kwengu-20, sitholakale ethoyilethi emzini walabo somabhizinisi eDurban North.
Imithombo ebisashaqekile ngalesi sigameko esenzeke kusanda kungcwatshwa labo somabhizinisi ibibabaza ifu elimnyama elilandele lo mndeni.
Isolezwe lithole ukuthi umndeni wakwaNgcobo uvuke washayana ngamakhanda ngenxa yalesi sigameko esivuse amanxeba. Kuthiwa u-Andiswa bekulindeleke ukuthi aqale izifundo zakhe kwenye yamanyuvesi eThekwini khona izolo.
Imithombo ikuqinisekisile ukuthi umufi akazilengisanga kodwa bekungakacaci ukuthi kwenzekeni. Bekubatshazwa nokuthi ubeyingane ezithobile futhi engakukhonzile ukukhuluma.
U-Andiswa ubengomunye wezingane zakwaNgcobo eziwu-10 ezasala ziyizintandane emuva kwesigameko saseNigeria.
Kuthintwa omunye wabafowabo bakamufi, uMnuz Simphiwe Ngcobo, ubezwakala ukuthi kunzima ngisho ukukhuluma ngenxa yalesi simo.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi sishonelwe kodwa angikwazi ukukhuluma nokukhipha eminye imininingwane okwamanje. Ungabuye ungishayele uma sengikwazi ukukhuluma,” kusho yena.
Umndeni wakwaNgcobo ukweyathola isimemo sokudla uKhisimusi noMfu TB Joshua eNigeria. Yize eminye imindeni kuthiwa yasinqaba isimemo kodwa umndeni wakwaNgcobo wasamukela njengoba wathi awunagqubu nalo mfundisi futhi wasamukela isimo esenzeka.
USimphiwe watshela leli phephandaba ukuthi umndeni uvumelane ngokuthi isimemo sihlehliselwe uJanuwari ngoba ungeke ushiye izingane zodwa kuwuKhisimusi wokuqala kushone abazali. Wathi nguye ozoya eNigeria njengoba bezicelele ukuthi esabo isimemo sihlehliswe.