ZANELE MSOMI
K UKHONA ongqongqoshe besifazane abafika kuzwakale ezindaweni badonse amehlo abantu ngenxa yendlela abagqoka ngayo ebenza bagqame.
Njengoba kusondela ukuvulwa kwePhalamende (Febhuwari 12), akungabazeki ukuthi bazobe begqamile njengokujwayelekile.
Okwenza bagqame yimibala abayigqokayo, uhlobo lwezingubo zemfashini nangendlela abakwazi ngayo ukugqoka okubafanelayo. Abanye ngisho bengagqokile izimpahla ezibizayo kodwa indlela abayihlanganisa ngayo imfashini nangokuzihlobisa, kubenza banakeke.
UNkk Nomvula Mokonyane onguNgqongqoshe wezaManzi nokuKhucululwa ungomunye wabathatha amehlo kunoma yimuphi umcimbi.
Kusukela esenguNdunankulu waseGauteng ubevele edume ngakho lokho.
Izinwele, ukuziphaqula nokuzihlobisa ngamacici nemigexo kubuzwa kuyena, ubenconywa ngisho nangezitayela zasekhanda ezimfanelayo.
UNkk Mokonyane uyakwazi ukugqokela isimo somzimba okwenza izimpahla zimfanele.
Okufakazela ukuthi lo ngqongqoshe uyayinaka imfashini, waba ngomunye wokuthiwa babonakala beyokhithiza esitolo somntakabani sikaKhanyi Dhlomo.
Lesi sitolo esibizwa ngeLuminance esavulwa ngoJulayi ngo-2013, sidayisa izimpahla eziphambili zabesifazane kubalwa izikhwama nezicathulo.
Omunye ogqamayo kulo mcimbi nguNksz Lindiwe Sisulu onguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu.
Ukugqama kwebala lakhe kuyanezela ngoba uyakwazi nokukhetha imibala ehambisana nalo.
Akanqeni ukugqoka izingubo ezinemibala egqamile engaxwayani nebala lakhe.
UNkk Maite Nkoana-Mashabane onguNgqongqoshe weZindaba zaNgaphandle ungomunye wabaziwa ngokushintsha amasudi ayimibala egqamile.
Naye ngeke umthole engawugqokile umgexo namacici ukuze nezimpahla azigqokile zigqame.
UNkk Zanele Magwaza-Msibi oyiPhini likaNgqongqoshe wezeSayensi nezobuChwepheshe, ungomunye wababonakala bezithandela imfashini.
UNkk Magwaza-Msibi onguMengameli weNFP, wake waveza ukuthi unomsiki wengqephu omthungela imiswenko yakhe.
Lokhu kufakazelwa yizingubo azigqokayo, kwesinye isikhathi okubonakalayo ukuthi zithungelwe yena ngqo.
Uyazifela ngezingubo ezibizwa ngama-traditional attire, akhonze ukuzithaka ngemibala yeqembu, osawolintshi nomnyama.
Ngeke umthole nasekhanda engasenzile isitayela futhi akanqeni ukuziphaqula nokufaka izinzipho eziyimibala egqamile.
Umsiki wengqephu weYada Exclusive Designs uThembeka Vilakazi ubancomile ongqongqoshe ababalwe ngenhla.
Uthe okubalulekile wukwazi okuzobafanela nokuhambelana neminyaka yabo.
“Yize ebonakala enomsiki wengqephu uNkk Magwaza-Msibi kodwa kuyadingeka azi nezitayela ezingenisile ukuze ahambisane nesikhathi. Ngiyasithanda isitayela sikaNkk Nomusa Dube-Ncube (wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu) ngoba uyakwazi okufanela umzimba wakhe. Akajwayele ukuthungisa kodwa uhambisana nesikhathi nomzimba wakhe,” usho kanje.