Izindaba

Ningayicishi i-video yami nginqunu - Zondo

Zanele Msomi|Published

ZANELE MSOMI

U MFUNDISI wodumo lwezinkulumo ezakhayo oKhozini FM okusanda kusabalala ivideo yakhe enqunu izolo utshele abazalwane ukuthi bangayisuli ukuze ibagqugquzele uma kwenzeka nabo bengena enkingeni.

UMfu Sithembiso Zondo webandla iZero to Hero ubekhuluma okokuqala nebandla kusukela kwasatshalaliswa ivideo – esiphenduke undabizekwayo nasezinkundleni zokuxhumana – ngoMsombuluko. Esithombeni esiyimizwuzwana ewu-37 uZondo ubonakala esendlini yokuphumula kudlala ubhazabhaza wethelevishini. Ubonakala eyaluza ekhuluma nocingo eshaya ngesudi yesele. Kuvela imileze yowesifazane okusolakala ukuthi nguye owaqopha ivideo ngesikhathi uZondo ezikhulumela enganakile.

Izolo ugibele esiteji emuva kwamahora amabili elindiwe waxolisa kubaphathi boKhozi nabalaleli, kubefundisi nakubo bonke abakholwayo.

“Ngiyaxolisa kusukela ekujuleni kwenhliziyo. Ngixolisa kubaphathi boKhozi nabo bonke abalaleli ngokubazwisa ubuhlungu nokubafaka ehlazweni. Ngibuzwile ubuhlungu kodwa uNkulunkulu wangicindezela ukuthi ukuze ngikwazi ukuqhubeka nokwelapha isizwe kumele ngixolele usisi wevideo. Ngiyabaxolela nabo bonke abanesandla kukho konke lokhu ngoba sengitsheliwe ngokwenzekile,” kusho yena.

UZondo obekuthiwa ubesebhandeni ngesikhathi i-video isabalala, uthe ubethandaza isonto lonke ethandazela le ndaba.

“Ngithe ngithandaza uNkulunkulu wathi ngingabe ngisazithandazela mina kodwa ngithandazele usisi owenze i-video. Ngicela ningayacishi, nawe osuyicishile ingasuki emqondweni wakho. Ngifuna mhla abantu bekuhlazile uvele ukhumbule yona uyiqhathanise nenkinga yakho. Uma usuyiqhathanisile uzibuze ukuthi inkinga yakho ingakanani kunaleyo eyenzeke kimina,” usho kanje.

Ugagule umculi uThulani Ga Ndlela obekhona, ambize ngoyise kwezikamoya athe nguye omqinisile.

“Ngikhonze iJazz kodwa ngangena esitolo ngafuna i-DVD kaGa okuyiyona engiqinisile ngangazibulala,” echaza.

Ubonge bonke abamesekile bemthumelela nemiyalezo.

Akangenanga emininingwaneni yokwenziwa kwe-video kodwa uthe akafuni ukuzenzela ngokwakhe izinto ngakho uzoyekelela abomthetho ukuthi kube yibo ababonayo ukuthi benzenjani.

Inkonzo yayizolo iqondane nokuqoshwa kohlelo lwezenkolo loKhozi FM, UNkulunkulu noMuntu Omusha. Bekukhona abasakazi boKhozi oSbu Buthelezi, Irvin Sihlophe, Nkosinathi Mshengu, DJ Sgqemeza, uMangethe omemezela ezezitimela no-Abongile wezinkulumo ezakhayo.

Bekukhona noMnuz Themba Njilo osebenzisana noButhelezi ezinhlelweni zokusiza abalaleli abantulayo. Abaculi, okubalwa phakathi kwabo oFikile Mlomo, MMS noJabu Dlamini, bebephume ngobuningi babo.